U-Izaya 5 - IsiZulu 2020

Isivini Esadumaza USikaSimakade

1Mangihlabelele ngothandiweyo wami,

isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe.

Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni

elivunde kakhulu.

2Wamba, wakhipha amatshe kuso,

watshala umvini omuhle,

wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso,

waqopha isikhamo kuso,

walindela ukuba sithele izithelo zomvini,

kodwa sathela izithelo zasendle.

3“Manje-ke, nina enakhe eJerusalema

nani nonke kwaJuda,

ake nehlulele phakathi kwami

nesivini sami.

4Yini esafanele ukwenziwa kuso

engingayenzanga kuso na?

Kungani ukuba ngithi ngilindele

ukuthi sithele izithelo zomvini,

sona sathela izithelo zasendle na?

5Ngakho-ke manginitshele

engizokwenza esivinini sami:

ngizosusa uthango lwaso,

ukuze sidliwe,

ngibhidlize ugange lwaso,

ukuze sinyathelwe.

6Ngizosenza sibe yincithakalo;

asiyukuthenwa, asiyukulinywa,

kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva;

ngiyakuyala amafu

ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”

7Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli,

bonke abantu bakwaJuda

bayisithombo sakhe esithandekayo;

walindela ubulungiswa,

kodwa kwachitheka igazi;

wabheka ukulunga,

kodwa kwaba ngukukhala.

Ububi Obenziwa Ngabantu Nokwehlulelwa Kwabo

8Maye kini enihlanganisa indlu nendlu,

ninezelele insimu kwenye,

kuze kungabe kusaba bikho ndawo,

ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!

9USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami:

“Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo,

izindlu ezinkulu nezinhle

kungabi namuntu ohlala kuzo.

10Ngokuba ama-eka alishumi esivini

ayakuthela ibhathi libe linye,

ihomere lembewu lithele i-efa nje.”

11Maye kulabo abavuka ekuseni bathungathe

uphuzo olunamandla,

balibale kuze kuhlwe,

badakwe yiwayini!

12Emadilini abo kukhona ihabhu,

ugubhu, isigubhu,

igekle newayini,

kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade;

kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.

13Abantu bami bayathunjwa bengazi;

amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala,

nezixuku zigangadekile ngukoma.

14Ngalokho indawo yabafileyo

inwebe umphimbo wayo,

yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo;

abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo,

nabajabulayo phakathi kwabo,

behlela kuyo.

15Abantu bathotshisiwe,

bonke behliselwe phansi;

amehlo abazigqajayo ayothotshiswa,

16uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni,

uNkulunkulu oNgcwele

ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.

17Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo,

namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.

18Maye kulabo abadonsa ukona

ngezintambo zamanga,

nezono kungathi ngamagoda ezinqola,

19abathi:

“Makaphangise,

asheshise umsebenzi wakhe

ukuze siwubone;

malisondele, lifike icebo loNgcwele ka-Israyeli,

ukuze sazi!”

20Maye kulabo abathi

okubi kuhle, nokuhle kubi,

labo abathi ubumnyama kungukukhanya,

nokukhanya kungubumnyama;

abathi okubabayo kumtoti,

nokumtoti kuyababa!

21Maye kulabo abazibona behlakaniphile,

nabazibona benokuqonda!

22Maye kulabo abangamaqhawe ngokuphuza iwayini,

nabanekhono lokuxuba uphuzo oludakisayo;

23abavuna izikhohlakali ngenxa yenzuzo,

bangabenzeli ubulungiswa abalungileyo!

24Njengamalangabi ekhotha amabibi,

nezikhotha ezomileyo zizika kuwo,

impande yabo iyofana nokubola,

nembali yabo ibe njengothuli;

iyakuthuquka,

ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla,

baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.

25Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade

yasivuthela isizwe sakhe,

welula isandla sakhe wasishaya.

Izintaba ziyathuthumela,

nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni;

kukho konke lokhu

intukuthelo yakhe ayibohli,

isandla sakhe silokhu sishayile.

26Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela,

asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba;

yebo, siyakuza ngokushesha.

27Akukho noyedwa oyokhathala,

akhubeke kuso;

akekho oyokozela, alale;

ibhande ezinkalo zabo aliyuqaqeka,

nomchilo ezicathulweni zabo awuyukugqabuka,

28abamicibisholo iloliwe,

neminsalo yabo yonke insaliwe;

izinyawo zamahhashi abo ziyakufaniswa nezensengetshe;

namasondo abo, njengesivunguvungu.

29Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyama;

bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi;

yebo, bayogwavuma,

babambe impango yabo,

bahambe nayo,

kungekho ongayihlenga.

30Ngalolo lusuku bayogwavuma phezu kwabo,

njengokuduma kolwandle;

uma umuntu ebuka umhlaba,

kuyobe kunesigayegaye sobumnyama,

ukukhanya kuphenduke ubumnyama ngenxa yamafu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help