UJeremiya 31 - IsiZulu 2020

Ukubuyela Kwabakwa-Israyeli KuNkulunkulu

1“Ngaleso sikhathi, kusho uSimakade, ngiyakuba nguNkulunkulu wayo yonke imindeni yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.”

2Usho kanje uSimakade, uthi:

“Abantu abasinde enkembeni

bafumane umusa ehlane,

ngesikhathi u-Israyeli eya khona

ukuze athole ukuphumula.”

3USimakade wabonakala kimi ekude, wathi:

“Ngikuthande ngothando lwaphakade,

ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.

4Ngizobuye ngikwakhe kabusha,

wakheke wena ntombi engu-Israyeli.

Uyophinde uvunule ngenjabulo,

uphume ngokusina kwabathokozileyo.

5Uyobuye utshale izivini ezintabeni eSamariya;

abatshali bayozitshala,

babuye badle izithelo zazo.

6Ngokuba kuyakuba khona usuku

abayakumemeza ngalo abalindi,

entabeni yakwa-Efrayimi,

bathi: ‘Sukani,

asikhuphukele eZiyoni

kuSimakade uNkulunkulu wethu.’ ”

7Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:

“Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe,

nihlokomele inhloko yezizwe,

nizwakalise ukudumisa, nithi:

‘Simakade, sindisa abantu bakho

insali yakwa-Israyeli.’

8Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho,

ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba;

phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga,

abakhulelwe, nabatetayo,

bonke bayakubuya kanyekanye,

beyibandla elikhulu.

9Bayakuza bekhala,

bekhuleka; lapho ngibabuyisa,

ngiyakubaholela emifuleni yamanzi,

ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo,

ngokuba nginguyise ka-Israyeli,

no-Efrayimi uyizibulo lami.

10“Nina zizwe, yizwani izwi likaSimakade,

nilimemezele eziqhingini ezikude,

nithi: ‘Owahlakaza u-Israyeli uzokumqoqa,

amlondoloze njengomelusi

elusa umhlambi wakhe.’

11Ngokuba uSimakade umhlawulele uJakobe,

wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.

12Bayakufika behlabelela ngokujabula,

esicongweni seZiyoni

bayakuthakasa ngenxa yokuhle

abazokuphiwa nguSimakade;

okusanhlamvu, iwayini,

amafutha, amazinyane ezimvu

namankonyane ezinkomo;

umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo,

bangabe besaba nosizi nanini.

13Intombi iyakuthokoza ngokusina,

izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye.

Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo,

ngibaduduze, ngibathokozise,

bangabe besaba nosizi.

14Ngiyakwenelisa umphefumulo wabaphristi ngamanoni,

abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uSimakade.

Isihe SikaSimakade Ku-Israyeli

15Usho kanje uSimakade, uthi:

“Izwi liyezwakala eRama,

ukulila nokukhala okumunyu,

uRaheli ekhalela abantwana bakhe;

uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,

ngokuba abasekho.”

16Usho kanje uSimakade, uthi:

“Bamba izwi lakho, ungakhali,

namehlo akho angabi nazinyembezi,

ngokuba kuyakuba khona

umvuzo ngomsebenzi wakho,

babuye ezweni lesitha,” kusho uSimakade.

17“Kukhona ithemba ngekusasa lakho,

abantwana bakho bayakubuyela endaweni yabo,” kusho uSimakade.

18“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezikhalela,

ethi: ‘Ungishayile,

ngashayeka njengethole elingaqeqeshekile;

ngibuyise ukuze ngibuye,

ngokuba Wena unguSimakade uNkulunkulu wami.

19Lapho ngichezukile, ngazisola,

nalapho sengifundisiwe, nganxothoza,

ngaba namahloni, yebo, ngajabha,

ngokuba ngalithwala ihlazo lobusha bami.’

20Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na?

Ngabe uyingane engithokoza ngayo na?

Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye,

nokho ngisamkhumbula.

Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela;

ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.

21“Zibekele amatshe ayinkombandlela,

uzibekele izimpawu zomgwaqo,

uqaphelisise umendo wakho,

indlela owahamba ngayo;

uzophinde ubuye ngayo.

Buya ntombi engu-Israyeli,

ubuyele kule mizi yakho.

22Kuyoze kube nini uguquguquka,

we ndodakazi ehlubukayo na?

Ngokuba uSimakade udale into entsha emhlabeni:

owesifazane uyakuyihaqa indoda .”

Isivumelwano Esisha Nendlu Ka-Israyeli NekaJuda

23Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’

24UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi baphume nemihlambi.

25Ngokuba ngizobahlumelelisa abadangeleyo, ngibaqinise abaphelelwa ngamandla.”

26Ngase ngiphaphama, ngabheka; ngangikade ngilele obumnandi ubuthongo.

27“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.

28“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.

29“Ngalezo zinsuku abasayikusho futhi ukuthi:

“ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu,

amazinyo abantwana babo aba buthuntu.’

30“Yilowo nalowo uyokufa ngenxa yobubi bakhe. Bonke abantu abadla amagilebhisi amuncu, amazinyo abo azokuba buthuntu.

31“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,

32esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.

33“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

34Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”

35Usho kanje uSimakade

obeka ilanga ukuba likhanyise emini,

nezikhathi ezimisiwe zenyanga nezezinkanyezi,

ukuba zikhanyise ebusuku,

ovusa ulwandle

ukuba kuhlokome amaza alo;

nguSimakade Wamabandla igama lakhe, uthi:

36“Uma lokhu okumisiwe

kungasuka ebusweni bami,

yilapho-ke abozalo luka-Israyeli beyakuphela,

bangabe besaba yisizwe phambi kwami

zonke izinsuku,” kusho uSimakade.

37Usho kanje uSimakade, uthi:

“Uma amazulu phezulu engake alinganiswe,

nezisekelo zomhlaba emajukujukwini ziphenyisiswe;

kulapho-ke Mina ngiyobalahla khona

bonke abozalo luka-Israyeli,

ngakho konke abakwenzileyo,” kusho uSimakade.

38“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.

39Umucu wokulinganisa uyakusuka lapho futhi uze uqondane negquma iGarebhi, ujike uze ufike eGowa.

40Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help