AMahubo 84 - IsiZulu 2020

Izindlu ZikaSimakade ZiyathandekaKumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKhora. Ihubo

1Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho,

Simakade Wamabandla!

2Umphefumulo wami ulangazelela,

womela amagceke kaSimakade.

Inhliziyo yami nomzimba wami

kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba inyoni ifumene isidleke,

nenkonjane yazitholela isidleke sayo,

lapho ingabeka khona amaphuphu ayo,

ngisho kuma-althare akho,

Simakade Wamabandla,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4Babusisiwe abahlala endlini yakho;

bayakuhlala bebonga Wena. Sela

5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,

abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6Bedabula esigodini iBhakha,

basenza saba yindawo yeziphethu,

nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7Baqhubeka emandleni,

baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.

8Simakade Nkulunkulu Wamabandla,

yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela

9Wena Nkulunkulu,

Sihlangu sethu,

bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho,

luhle kunezinye eziyizinkulungwane.

Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu

kaNkulunkulu wami,

kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.

11Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu,

uSimakade uyakupha umusa nodumo,

akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12Simakade Wamabandla,

ubusisiwe okwethembayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help