KwabaseRoma 12 - IsiZulu 2020

Ukuhamba Okungcwele

1 Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.

2 Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.

Ukuthobeka

3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

4 Njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azenzi msebenzi munye,

5 kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

6 Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa.

7 Uma kungesokukhonza, kube sekukhonzeni; esokufundisa, kube sekufundiseni;

8 esokugqugquzela, kube sekukhuthazeni; esokuphana, aphane ngokukhululeka; esokuhola, ahole ngenkuthalo; kanye nesesihe, akwenze ngentokozo.

Uthando Nokuphathana Kahle

9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.

10 Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,

11 ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;

12 ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi,

13 nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.

14 Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi.

15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

16 Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

17 Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.

18 Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.

19 Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“Ingeyami impindiselo,

ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.

20 Kepha-ke:

“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;

uma somile, siphuzise,

ngokuba ngokwenza lokho,

uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”

21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help