IGenesisi 5 - IsiZulu 2020

Uzalo Luka-Adamu

1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.

2 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.

3Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.

4Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

5Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.

6Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe.

7Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

8Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.

9Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani.

10Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

11Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.

12Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli.

13Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

14Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.

15Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi.

16Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

17Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.

18Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi.

19Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

20Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.

21Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela.

22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

23Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365.

24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

25Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki.

26Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

27Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.

28Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana.

29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”

30Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

31Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.

32 Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help