UHoziya 9 - IsiZulu 2020

UHoziya Umemezela Ukuthunjwa Kuka-Israyeli

1Israyeli, ungajabuli,

ngokuthokoza okufana nokwabezizwe,

ngokuba uzifebele wena,

wahlubuka kuNkulunkulu wakho,

wathanda inkokhelo yesifebe

kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.

2Isibuya nesikhamo sewayini akuyukubondla,

newayini elisha liyakumdumaza.

3Abayukuhlala ezweni likaSimakade,

u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe,

badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.

4Abayukumthungela uSimakade iwayini,

nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye,

isinkwa sabo siyakuba

njengesinkwa sokulila kubo,

kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona.

Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo,

asiyukungena endlini kaSimakade.

5Niyokwenzenjani ngosuku lwedili,

nangosuku lomkhosi kaSimakade na?

6Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni,

kodwa iGibhithe liyakubabutha,

iNofi ibambele;

ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane,

kube nameva emathendeni abo.

Umphrofethi Uziphendulela Ngokuchwenswa Kwakhe

7Sezifikile izinsuku zokujeziswa,

izinsuku zokuphindisela,

u-Israyeli makakwazi lokho.

Umphrofethi uyisiwula,

umuntu onomoya uyahlanya

ngenxa yeziphambeko zakho eziningi

nangobutha obukhulu.

8Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi

kanye noNkulunkulu wami,

kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni

kuzo zonke izindlela zakhe,

nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9Sebeshone shi enkohlakalweni

njengasezinsukwini zaseGibheya;

uyakukhumbula iziphambeko zabo,

abajezisele izono zabo.

10“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,

ngabona okhokho bakho

njengolibo lomkhiwane

emkhiwaneni lapho uqala.

Kepha bafika eBhali Pheyori,

bazinikela ehlazweni,

baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.

11Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni,

kungabi bikho kuthatha sisu,

kukhulelwa nakuzala.

12Noma bangakhulisa izingane zabo,

kodwa ngiyakubephuca zona zonke.

Maye impela kubo,

lapho ngibafulathela!

13Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire,

etshalwe endaweni evundileyo,

kepha u-Efrayimi uyakukhiphela

izingane zakhe kumbulali.

14“Simakade, banike.

Ngabe uyakubanikani na?

Isisu esiphuphumileyo

namabele angenalubisi.

15Bonke ububi babo buseGiligali,

impela ngabazonda khona lapho;

ngenxa yobubi bezenzo zabo

ngiyakubaxosha endlini yami,

angiyukubathanda futhi;

zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.

16U-Efrayimi unqundiwe,

impande yabo yomile,

abayukuthela sithelo.

Noma bangazala,

kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”

17UNkulunkulu wami uyakubalahla,

ngokuba abamlalelanga,

bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help