U-Izaya 16 - IsiZulu 2020

Ukuthunyelwa Kwemvana Kumbusi Wezwe

1Thumelani imvana kumbusi wezwe,

ivela eSela ngendlela esehlane,

iye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.

2Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo,

namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.

3“Lulekanani, nithathe isinqumo,

umphefumulo wabo ube njengobusuku

phakathi kwemini,

nibhacise abaxoshiweyo,

ningabadaluli ababalekileyo.

4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabagogobale phakathi kwenu,

nibe yisiphephelo sabo kumbhubhisi.”

Kuyothi lapho umcindezeli engasekho,

nokubhujiswa sekuphelile,

seziqediwe nezidlova ezweni,

5kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa,

ethendeni likaDavide,

kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli

oyofuna ubulungiswa,

asheshe ukwenza okulungileyo.

6Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi

ukuthi uphakeme kakhulu,

nangokuzidla kwakhe,

nokuqhosha kwakhe,

nokuchwensa kwakhe;

ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.

7Ngakho-ke abakwaMowabi mabamlilele uMowabi;

bonke balikhalele

ikhekhe elinamagilebhisi omisiwe

laseKhiri Haresethi.

Lilani nidabukele kuphela abavithizwe yizinhlupheko.

8Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe,

kwabuna nezivini eSibhima,

ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo,

ayedaka amakhosi ezizwe

afinyelela naseJazeri,

enabela nasehlane;

amahlumela awo elulwa,

awela ulwandle.

9Ngakho-ke khalela izivini eSibhima

njengokulila kweJazeri.

Ngikuthela ngezinyembezi zami wena Heshibhoni,

nawe Elehale,

ngokuba ukujabulela isivuno sakho sezithelo

nesokusanhlamvu kuphelile.

10Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo,

akusahlatshelelwa maculo;

ezivinini akusamenyezwa,

abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;

ngikuqedile ukumemeza.

11Ngakho-ke ingaphakathi lami

likhala njengehabhu ngoMowabi,

nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.

12Kuyothi lapho uMowabi ezibonakalisa,

ezikhathaza endaweni ephakemeyo,

aye ethempelini lakhe ukuyothandaza,

angaphumeleli.

13Yilelo izwi uSimakade alisho ngoMowabi ngaleso sikhathi.

14Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help