1 IZikhronike 14 - IsiZulu 2020

Isivumelwano SikaDavide NoHiramuAbanye Abafazi BakaDavide Nabantwana

1 Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.

2UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

3UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi.

4 Nanka amagama abantwana abazala eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni,

5uJibhari, u-Elishuwa, u-Eliphelethi,

6uNoga, uNefegi, uJafiya,

7u-Elishama, uBheyeliyada no-Elifeleti.

UDavide Ubhubhisa AmaFilisti

8 Kwathi esezwile amaFilisti ukuthi uDavide ubekiwe ukuba abe yinkosi ka-Israyeli, akhuphuka ayomfuna; kuthe lapho uDavide ekuzwa lokho waphuma, wawahlasela.

9 AmaFilisti esegasele esigodini samaRefa,

10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyuke yini ukuyohlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela yini esandleni sami?”

USimakade wathi kuye: “Khuphuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”

11 Base bekhuphuka eBhali Pherazimu, uDavide wawabhubhisa. UDavide wathi: “UNkulunkulu uthelekele izitha zami ngesandla sami njengamanzi ebhodloza avinjwe ngakho.”

Yingakho-ke leyo ndawo bayiqamba bathi iBhali Pherazimu.

12 AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, uDavide wathi mababashise ngomlilo.

13 AmaFilisti abuye asigasela isigodi.

14UDavide wabuye wabuza kuNkulunkulu, uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki uwalandele, kunalokho aqhamukele maqondana namajikijolo.

15Kuyothi lapho sewuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukubhubhisa amabutho amaFilisti.”

16UDavide wenza njengokuba uNkulunkulu ayemyalile, bawabhubhisa amabutho amaFilisti, kusukela eGibheyoni kuze kube seGezeri.

17 Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help