KumaHebheru 8 - IsiZulu 2020

UKhristu Usenguye Umphristi Omkhulu Nasezulwini

1 Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2 uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.

3 Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho.

4Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho,

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”

6 Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

Isivumelwano Esisha Sikhulu Kunesidala

7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili.

8 Kepha lapho ebasola, uthi kubo:

“Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi,

“lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha

nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,

9 esingafani nesivumelwano

engasenza nokhokho babo

mhla ngibabamba ngesandla

ngibakhipha eGibhithe;

ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami,

nami angibanakanga,” kusho iNkosi.

10 “Ngokuba yilesi isivumelwano

engiyakusenza nendlu ka-Israyeli

emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi:

“ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,

ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,

ngiyoba nguNkulunkulu wabo,

bona babe ngabantu bami.

11 Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo,

nomunye efundisa umfowabo, ethi:

‘Yazi iNkosi.’

Ngokuba bonke bayakungazi,

kusukela kwabancane kuya kwabadala.

12Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile,

ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.”

13 Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help