1Ubusisiwe umuntu
ongahambi ngeseluleko sababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongabi mdibi munye nabaklolodayo,
2kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade,
azindle ngawo imini nobusuku.
3Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi,
esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo,
esimaqabunga aso angabuni.
Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Indlela Eya Ekufeni4Kepha abanjalo ababi,
kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.
5Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa,
nezoni, ebandleni labalungileyo.
6Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo,
kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.