UJeremiya 8 - IsiZulu 2020

1“ ‘Ngaleso sikhathi,’ kusho uSimakade, ‘bayakukhipha amathambo amakhosi akwaJuda, awezikhulu zakhona, awabaphristi, awabaphrofethi nawezakhamuzi zaseJerusalema, emathuneni abo,’ kusho uSimakade.

2‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.

3Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.

Ukwenqaba Ukubuyela KuSimakade Nesijeziso

4“Uyokuthi futhi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Abantu bayawa yini,

bangabuye basukume na?

Umuntu uyaphambuka yini,

angabuye aphenduke na?

5Pho kungani laba bantu

baseJerusalema bephendukile,

bahlubuka njalonjalo na?

Babambelela enkohlisweni,

benqaba ukubuya.

6Ngiqaphelisisile, ngezwa;

abalikhulumi iqiniso;

akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi:

“Ngikwenzeleni lokhu na?”

Bonke bazihambela ezindleleni zabo,

njengamahhashi ephulukundlela empini.

7Unogolantethe emkhathini

uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo;

ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu,

kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho;

kodwa abantu bami

kabazazi izimiso zikaSimakade.

8“ ‘Ningakusho kanjani ukuthi:

“ ‘Sihlakaniphile,

nomthetho kaSimakade ukithi na?

“ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga,

luloba amanga.

9Abahlakaniphileyo bayohlazeka,

badangale, babhajwe;

balilahlile izwi likaSimakade,

pho banakuhlakanipha kuni na?

10Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye,

ngibaphuce amasimu abo;

ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala,

bonke bathola inzunzo engabafanele;

nabo bonke abaphrofethi

nabaphristi baqamba amanga.

11Belaphile kalula ukulimala kwendodakazi

yabantu bami, bethi:

“Ngukuthula, ngukuthula;”

kube kungekho ukuthula.

12Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo,

kabanamahloni nakancane;

abakhophozi, kabazi,

ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile;

ngesikhathi sokujeziswa kwabo

bayakukhubeka, kusho uSimakade.

13“ ‘Bengizobutha nokubutha,

kepha awekho amagilebhisi

namakhiwane emkhiwaneni;

amaqabunga abunile

engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.

Sisahlaleleni Sonile KuSimakade

14“Sisahlaleleni na?

Buthanani,

masingene emizini ebiyelweyo,

ukuze sibhubhele lapho,

ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu,

usinqumele ukubhujiswa,

usiphuzise amanzi anobuthi,

ngokuba sonile kuSimakade.

15Besilindele ukuthula,

kodwa akukho okuhle;

nesikhathi sokuphiliswa,

kepha bheka, luvalo lodwa.

16Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani;

umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla

kuthuthumelise lonke izwe,

ngokuba asefikile,

aliqothula izwe nakho konke okukulo,

umuzi nabakhileyo kuwo.”

17“Bheka, ngizothumela phakathi kwenu izinyoka,

izinyoka ezinesihlungu esibi,

ezingenakulunjwa;

ziyoniluma,” kusho uSimakade.

Inhliziyo KaJeremiya Idangele Ngabantu Bakubo

18Akukho ukududuzeka ngosizi lwami,

inhliziyo yami idangele.

19Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami,

livela ezweni elikude, lithi:

“USimakade akekho yini eZiyoni na?

Inkosi yalo ayikho yini kulo na?”

“Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo,

nangokuyize kwabezizwe na?”

20“Ukuvuna sekwedlulile,

ihlobo liphelile,

kodwa thina asisindiswanga.”

21Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami,

ngiyalila,

ukwesaba kungikhungethe.

22Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na?

Ayikho yini inyanga lapho na?

Pho abelashwa ngani abantu bami na?

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help