UJobe 13 - IsiZulu 2020

Inkulumo KaJobe Isaqhubeka

1 “Bheka, iso lami likubone konke,

nendlebe yami yezwa, yaqonda.

2 Enikwaziyo nami ngiyakwazi,

aningedluli ngalutho.

3 Kepha ngizokhuluma kuSomandla,

ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.

4 Kepha nina ningababheci ngamanga,

nonke niyizinyanga ezingathi shu.

5 Sengathi impela ningawuhlaba inhlali,

lokho kuyoba ngukuhlakanipha kini.

6Ake nilalele ukuqagulisana kwami,

nizwe isikhalo sezindebe zami.

7 Niyokhuluma okubi yini ngoNkulunkulu,

niyokhuluma inkohliso ngaye na?

8 Niyobuvuna yini ubuso bakhe,

nimmele uNkulunkulu na?

9 Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na?

Ningamkhohlisa yini

njengalokhu kukhohliswa umuntu na?

10 Impela uyakunisola

uma niyokwenzelela ngasese.

11 Ubukhosi bakhe abuyukunethusa yini,

nokwesabisa kwakhe kwehlele kini na?

12 Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha,

nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba.

13 “Thulani, ukuze ngikhulume,

noma ngabe ngehlelwa yini

akusho lutho lokho.

14 Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni,

ngibeka impilo yami ezandleni zami na?

15 Uzongibulala,

angisenathemba,

ngizozivikela izindlela zami,

ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.

16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami,

ukuthi ongenaNkulunkulu

akayukuza phambi kwakhe.

17Lalelisisani amazwi ami,

nengikushoyo kungene ezindlebeni zenu.

18 Bhekani-ke, sengizilungiselele

ukwethula udaba lwami,

futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.

19 Ngubani ozophikisana nami na?

Ngokuba uma kunjalo

ngizozithulela ngize ngife.

20Zimbili kuphela izinto

engicela ungenzele zona,

ukuze ngingabucasheli ubuso bakho:

21dedisela kude nami isandla sakho,

ukwesabeka kwakho kungangethusi.

22 Khuluma, ngizophendula,

noma mangikhulume,

Wena ungiphendule.

23 Zingakanani iziphambeko zami

nezono zami na?

Ngazise izeqo zami nezono zami.

24 Ubufihleleni ubuso bakho,

ushaye sengathi ngiyisitha sakho na?

25 Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo,

uxoshe inkunkuma eyomileyo na?

26 Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami,

ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.

27 Izinyawo zami uzichome ezingongolweni,

waziqaphela zonke izindlela zami,

wamisa umkhawulo ematheni ezinyawo zami.

28 Ngiyaphela njengobolayo,

nanjengengubo edliwa ngubuvunya.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help