1 IZikhronike 2 - IsiZulu 2020

Amadodana Ka-Israyeli, AkaJuda, AkaHezironi NakaKhalebhi

1 Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,

2uDani, uJosefa, uBhenjamini, uNafethali, uGadi no-Asheri.

3 Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.

4 UThamari, umalokazana wakwakhe, wamzalela uPherezi, noZera. Esewonke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

5 Amadodana kaPherezi: uHezironi noHamule.

6Amadodana kaZera: uZimri, u-Ethani, uHemani, uKhalikholi noDara; esewonke ayeyisihlanu.

7 Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.

8Indodana ka-Ethani: u-Azariya.

9Amadodana kaHezironi awazalelwayo: uJerameli, uRamu noKhelubhayi.

10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabakwaJuda;

11uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBhowazi;

12uBhowazi wazala u-Obhede; u-Obhede wazala uJese.

13 UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,

14owesine kwaba nguNethaneli, owesihlanu kwaba nguRadayi,

15owesithupha kwaba ngu-Osemi, owesikhombisa kwaba nguDavide;

16 odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.

17 U-Abhigayili wazala u-Amasa. Uyise ka-Amasa kwakunguJetheri, umIshmayeli.

18UKhalebhi, indodana kaHezironi, wazala ku-Azuba, umkakhe, nakuJeriyothi; nanka amadodana akhe: uJesheri, uShobhabhi no-Aridoni.

19 Esefile u-Azuba; uKhalebhu wathatha u-Efrathi, wamzalela uHure.

20UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli.

21Kwathi sekwedlule isikhathi, uHezironi wangena indodakazi kaMakhiri, uyise kaGileyadi. Wamthatha eseneminyaka engama-60, wamzalela uSegubhi.

22USegubhi wazala uJayire, owayenemizi engama-23 kwaGileyadi.

23UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.

24Emva kokufa kukaHezironi eKhalebhu Efratha, u-Abhiya, umkaHezironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.

Amadodana KaJerameli

25Amadodana kaJerameli, izibulo likaHezironi, kwakunguRamu izibulo, elanywe ngoBhuna, u-Oreni, u-Osemi no-Ahiya.

26UJerameli wayenomunye umfazi, igama lakhe kungu-Athara; engunina ka-Onamu.

27Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, kwakunguMahazi, uJamini no-Ekheri.

28Amadodana ka-Onamu kwakunguShamayi noJada. Amadodana kaShamayi: kwakunguNadabi no-Abhishuri.

29Igama lomka Abhishuri kwakungu-Abhihayili, wamzalela u-Ahibhani noMolidi.

30Amadodana kaNadabi: uSeledi no-Aphayimi; uSeledi wafa engenantwana.

31Indodana ka-Aphayimi: kwakungu-Ishi. Indodana ka-Ishi: kwakunguSheshani. Indodana kaSheshani: kwakungu-Ahilayi.

32Amadodana kaJada, umfowabo kaShamayi: kwakunguJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenamntwana.

33Amadodana kaJonathani: kwakunguPhelethi noZaza. Laba babengamadodana kaJerameli.

34USheshani wayengenamadodana, enamadodakazi wodwa. USheshani wayenenceku eyayivela eGibhithe, igama layo kunguJariha.

35USheshani waganisela uJariha, inceku yakhe, indodakazi yakhe, ukuba ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.

36U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabhadi.

37UZabhadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obhede.

38U-Obhede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya.

39U-Azariya wazala uHelezi; uHelezi wazala u-Eleyasa.

40U-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi,

41uShalumi wazala uJekhamiya; uJekhamiya wazala u-Elishama.

Amadodana KaKhalebhu

42Amadodana kaKhalebhu, umfowabo kaJerameli: kwakunguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebhroni.

43Amadodana kaHebhroni: kwakunguKhora, uThaphuwa, uRekemi noShema.

44UShema wazala uRahamu, uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.

45Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri.

46U-Efa, isancinza sikaKhalebhu, wazala uHarana, uMoza, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47Amadodana kaJadayi: kwakunguRegemi, uJothamu, uGeshani, uPhelethi, u-Efa noShahafi.

48UMahakha, isancinza sikaKhalebhu, wazala uShebheri noThirihana.

49Wazala noShahafi, uyise kaMadimana, uSheva, uyise kaMakhibhena, noyise kaGibheya. Indodakazi kaKhalebhu kwakungu-Akhisa.

50Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi,

51uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi.

52UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi.

53Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.

54Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.

55Imindeni yababhali ababehlala eJabhezi: ngamaThirathi, amaShimeyathi namaSukhathi. Laba babengamaKheni ayevela kuHamathi, uyise wendlu kaRekhabhi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help