IDutheronomi 32 - IsiZulu 2020

Ihubo LikaMose Lokuvalelisa

1 “Lalelani nina mazulu,

ngiyakhuluma;

umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

2 Isifundiso sami masehle njengemvula,

inkulumo yami iconse njengamazolo,

njengomkhizo otshanini,

nanjengezihlambi ohlazeni,

3 ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade:

ngimnike udumo uNkulunkulu wethu.

4 “Uyidwala,

umsebenzi wakhe uphelele,

zonke izindlela zakhe zingukulunga;

unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala;

ulungile, uqotho Yena.

5 “Bonile kuye;

abaseyibo abantwana bakhe,

ngenxa yesici sabo;

bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

6 Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na?

Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile,

akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye

wanenza, wanimisa, na?

7 “Khumbula izinsuku zasendulo,

ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;

buza kuyihlo,

uyakukulandisa,

nezingwevu zizokutshela.

8 OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo,

lapho ehlukanisela abantwana babantu,

wamisa imingcele yezizwe

ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.

9 Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe.

UJakobe uyisifunda sefa lakhe.

10 “Wamthola ezweni eliyihlane,

nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi,

wamzungeza,

wamnakekela,

wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

11 Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo,

lubhakuza phezu kwamaphuphu alo,

welula amaphiko akhe,

wabathatha,

wabathwala ngamaphikho akhe.

12 NguSimakade kuphela owamqondisa,

akukho nkulunkulu wabezizwe onaye.

13 “Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

wadla izithelo zamasimu,

wammuncisa uju edwaleni,

namafutha eweni lensengetsha.

14 Wadla izaqheqhe zemihlambi,

ubisi lwezimvu,

amafutha amawundlu,

izinqama zohlobo lwaseBhashani,

izimbuzi,

namanoni kakolo wekhethelo;

waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.

15 “UJeshuruni wakhuluphala,

wayesekhahlela;

usekhuluphele,

uzimukile,

futhi uchachambile.

Wamshiya uNkulunkulu owamenza,

waledelela iDwala lensindiso yakhe.

16 Bamenza waba nesikhwele

ngonkulunkulu babezizwe,

bamthukuthelisa ngezinengiso.

17 “Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu,

nonkulunkulu abangazange babazi,

onkulunkulu abasha,

abasanda kuhlangabezana nabo,

nababengaziwa ngokhokho babo.

18 Walikhohlwa iDwala elakuzalayo,

wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.

19 “USimakade wakubona lokho,

wanengwa ngukuchukuluzwa

ngamadodana

namadodakazi akhe.

20 Wathi:

‘Ngizobufihla ubuso bami kubo,

ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo;

ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo,

nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.

21 Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu,

bangithukuthelisa ngokuyize kwabo;

ngiyobenza babe nesikhwele

ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise

ngesizwe esiyisiwula.

22 Ngokuba umlilo

uphenjwe yintukuthelo yami;

uyabhebhetheka kuze

kube sendaweni yabafileyo engaphansi,

uyaqothula umhlaba nezithelo zawo,

wokhela nezisekelo zezintaba.

23 “ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo

ngibacibe ngemicibisholo yami:

24 bayakuphela amandla yindlala,

baqedwe wubhubhane,

baqothulwe yisifo esibi,

ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle

ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.

25 Emigwaqweni inkemba iyodla lubi,

emakamelweni kubhoke uvalo:

ezinsizweni nasezintombini,

koncelayo nasempungeni.

26 Ngathi:

“Ngizobavithiza babe yizicucu

ngiqede ukukhunjulwa kwabo

kubantu,”

27 kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha,

funa abamelene nabo baqonde, bathi:

“Izandla zethu eziphakamile,

akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”

28 “Bayisizwe esingenangqondo,

akukho ukuqonda kubo.

29 Uma bebehlakaniphile

bebeyakukuqonda lokhu,

baqonde nesiphetho sabo.

30 Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane,

ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi,

uma idwala labo belingathengisanga ngabo,

uSimakade ebengabanikelanga, na?

31 Impela idwala labo

alifani neDwala lethu;

nezitha zethu ziyakuvuma lokho.

32 Umvini wabo ungumvini waseSodoma

ovela emasimini aseGomora;

izithelo zawo ziwubuthi,

amahlukuzo awo amuncu.

33Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka,

lingubuthi bemfezi.

34 Lokho akugciniwe yini kimi,

kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?

35 Impindiselo ingeyami,

nokunxephezela kungokwami,

lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana,

ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele,

izinto abalungiselelwe zona

uyozenza zifike ngokushesha kubo.

36 “USimakade uyobehlulela abantu bakhe,

abe nesihawu ezincekwini zakhe,

lapho ebona ukuthi

amandla abo aphelile,

akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.

37 Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,

nedwala ababephephela kulo,

38 ababedla amanoni emihlatshelo yabo,

bephuza iwayini lomnikelo wabo

wokuphuzwayo, na?

Mabanisize,

mababe yisiphephelo senu.

39 “ ‘Bonani manje

ukuthi Mina,

yebo, Mina Nginguye,

akekho unkulunkulu ngaphandle kwami;

Mina ngiyabulala,

ngibuye ngiphilise,

ngilimaze,

futhi ngipholise;

akekho ongabahlenga esandleni sami.

40 Ngiphakamisela isandla sami ezulwini,

ngithi: Mina ngiyakuphila

kuze kube phakade.

41 Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo,

isandla sami sibambelele ekwehluleleni,

ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami,

ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”

42 “Imicibisholo yami

ngiyoyidakisa ngegazi,

inkemba yami idle abantu,

ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo,

kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.

43 Memezani ngokuthokoza bantu bakhe,

nina zizwe,

ngokuba uyakuliphindiselela

igazi lezinceku zakhe,

aziphindiselele kwabamelene naye,

ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”

44 UMose noJoshuwa, indodana kaNuni, wafika wakhuluma wonke amazwi aleli hubo kubantu bonke belalele.

Umyalo KaMose

45UMose eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,

46 wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.

47 Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”

48 USimakade wakhuluma kuMose ngokubaluleka kwalolu lusuku, wathi:

49“Khuphukela entabeni i-Abharimi, okuyintaba iNebho kwaMowabi, eqondene neJerikho, ulibuke iKhanani engizakubanika lona abantu bakwa-Israyeli, ukuba libe yifa labo.

50 Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo,

51 ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli.

52 Uyakulibona izwe phambi kwakho, kodwa awuyukungena kulo, izwe engibanika lona abantu bakwa-Israyeli.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help