1 IZikhronike 8 - IsiZulu 2020

Izizukulwane ZikaBhenjamini

1 UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara,

2owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa.

3Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,

4u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,

5uGera, uShefufani noHuramu.

6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,

7zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi.

8UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.

9Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu,

10uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali.

12Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;

13uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.

14U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi,

15uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,

16uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya.

17UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere,

18u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali.

19UJakimi, uZikhiri, uZabhidi,

20u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,

21u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi.

22UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli,

23u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani,

24uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,

25u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki.

26UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,

27uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu.

28Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.

29 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha.

30Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi,

31uGedori, u-Ahiyo noZekheri.

32UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema.

33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.

34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.

35Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.

36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;

37uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli.

38U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.

39Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi.

40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help