1 UBhenjamini wazibula ngoBhela, welanywa ngu-Ashibheli, owesithathu kwaba ngu-Ahara,
2owesine kwaba nguNoha, owesihlanu kwaba nguRafa.
3Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,
4u-Abhishuwa, uNahamani, u-Ahowa,
5uGera, uShefufani noHuramu.
6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zezakhamuzi zaseGebha, ezathunjelwa eManahathi,
7zayiswa ekuthunjweni: nguNahamani, u-Ahiya, uGera owayezala u-Uza no-Ahihudi.
8UShaharayimi wazala abantwana kwaMowabi, esebahambisile omkakhe uHushimi noBhahara.
9Wazala amadodana kuHodeshi, umkakhe; kwakunguJobhabhi, uSibiya, uMesha, uMalikhamu,
10uJewuze, uShakhiya, noMirima. Laba kwakungamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.
11Wazala kuHushimi u-Abhithubhi no-Eliphahali.
12Amadodana ka-Eliphahali: kwakungu-Ebhere, uMishamu, noShemedi; yiwona akha i-Ono, neLodi, nemizana yakhona;
13uBheriya, noShema babeyizinhloko zezindlu zawoyise, zezakhamuzi zase-Ajaloni, ezaxosha ababakhe eGathi.
14U-Ahiyo, uShashakhi, uJeremothi,
15uZebadiya, u-Aradi, u-Edere,
16uMikhayeli, uJishipha, uJoha, kwakungamadodana kaBheriya.
17UZebadiya, uMeshulamu, uHiziki, uHebhere,
18u-Ishmerayi, uJiziliya, uJobhabhi, kwakungamadodana ka-Eliphahali.
19UJakimi, uZikhiri, uZabhidi,
20u-Eliyenayi, uZilethayi, u-Eliyeli,
21u-Adaya, uBheraya, uShimrathi, kungamadodana kaShimeyi.
22UJishiphani, u-Ebhere, u-Eliyeli,
23u-Abhidoni, uZikhiri, uHanani,
24uHananiya, u-Elamu, u-Anithothiya,
25u-Ifideya, uPhenuweli, kwakungamadodana kaShashaki.
26UShamusherayi, uShehariya, u-Athaliya,
27uJahareshiya, u-Eliya, noZikhiri, kungamadodana kaJerohamu.
28Laba babeyizinhloko zezindlu zawoyise, beyizinhloko ngokwezizukulwane zabo; babehlala eJerusalema.
29 EGibheyoni kwakuhlala uyise kaGibheyoni, igama lomkakhe kunguMahakha.
30Izibulo lakhe kwakungu-Abhidoni elanywe uZuri, uKhishi, uBhali, uNadabhi,
31uGedori, u-Ahiyo noZekheri.
32UMakhilothi wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema.
33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala uJonathani, uMalikhi Shuwa, u-Abhinadaba no-Eshi Bhali.
34 Indodana kaJonathani kwakunguMeribhi Bhali. UMeribhi Bhali wazala uMikha.
35Amadodana kaMikha: kwakunguPhithoni, uMelekhi, uThareya no-Ahazi.
36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala u-Alemethi, u-Azimavethi, uZimri; uZimri wazala uMosa;
37uMosa wazala uBhineya, uRafa, u-Eleyasa, u-Azeli.
38U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, nanka amagama awo: kwakungu-Azirikamu, uBhokheru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obhadiya noHanani. Bonke laba kwakungamadodana ka-Azeli.
39Amadodana ka-Esheki umfowabo: izibulo kwakungu-Ulamu, owesibili kunguJewushe, owesithathu kungu-Elifelethi.
40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.