ILevithikhusi 12 - IsiZulu 2020

Ukuhlanjululwa Kwababeletheyo

1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwe azale umntwana womfana uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini, uyoba ngongcolile.

3 Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.

4Unina uyohlala izinsuku ezingama-33 ukuze ahlanjululwe ekopheni kwakhe. Akayukuthinta lutho olungcwele, noma angene endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe.

5Kodwa uma ezale intombazane, uyobe engcolile amasonto amabili njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini. Isikhathi sokuhlambuluka kwakhe egazini siyoba yizinsuku ezingama-66.

6 “ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.

7Umphristi uyokunikela phambi kukaSimakade, amenzele ukubuyisana, ukuze ahlambuluke ekopheni kwakhe. Yilowo umthetho wozele umfana noma intombazane.

8“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help