U-Izaya 31 - IsiZulu 2020

USimakade Wamabandla Uyolivikela IJerusalema

1Maye, kulabo abehlela eGibhithe

ukuyocela usizo,

abethembele emahhashini

nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi,

nakubagibeli bamahhashi

ngokuba benamandla,

kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli,

bengamfuni uSimakade!

2Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele,

kalibuyiseli emuva izwi lakhe,

kodwa uyomelana nendlu yababi,

nosizo lwabenza okubi.

3AbaseGibhithe bangabantu,

abasiye uNkulunkulu,

namahhashi abo ayizilwane,

awasiwo umoya.

Lapho uSimakade elula isandla sakhe,

umsizi uyokhubeka,

nosizwayo awe,

babhubhe kanyekanye.

4Usho kanje uSimakade kimi, uthi:

“Njengengonyama ibhodla,

nebhongo lengonyama

ligwavuma phezu kwenyamazane,

aliphazanyiswa wumsindo

wokumemeza kwabelusi abaningi

abasuke bebizwe ukumelana nalo,

futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo,

kanjalo uSimakade Wamabandla

uyokwehla ukuba alwe

entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.

5Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda,

kanjalo uSimakade Wamabandla

uyolivikela iJerusalema,

uyolivikela, alisindise,

adlule phezu kwalo, alikhulule.”

6Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka.

7Ngokuba ngalolo lusuku, kuyoba yilowo nalowo alahle izithombe ezibaziweyo zesiliva nezegolide, enizenze ngezandla zenu zaba yisono senu.

8“Abase-Asiriya bayofa ngenkemba,

kungeyona eyomuntu;

inkemba okungesiyona eyomuntu iyobaqothula,

bayothi galo yephuka phambi kwenkemba.

Izinsizwa zakhona ziyoba yizisebenzi ezingakhokhelwa.

9Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo,

izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela,

ngenxa yokudangala,”

kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni,

nosithando sakhe siseJerusalema.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help