UJeremiya 9 - IsiZulu 2020

1Sengathi ikhanda lami lingamanzi,

namehlo ami ngumthombo wezinyembezi,

ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami

imini nobusuku.

2Sengathi ngabe nginendawo

yokulala izihambi ehlane,

ukuze ngibashiye abantu bami,

ngisuke kubo,

ngokuba bonke bayiziphingi,

iqembu lamaqili.

3“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni,

abaqinanga eqinisweni ezweni,

ngokuba basuka kulobu bubi

bedlulele kobunye;

abangazi Mina,” kusho uSimakade.

4“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,

ningethembeli nakubafowenu,

ngokuba abafowenu bonke bagebenga,

bonke omakhelwane

behla benyuka, behleba.

5Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe,

abalikhulumi iqiniso;

ulimi lwabo balufundise ukukhuluma inkohliso,

bazikhathaza ngokwenza okubi.

6Bahlala phakathi kwenkohliso;

ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.

7Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:

“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,

ngokuba ngizokwenza kanjani

ngenxa yesono sabantu bami na?

8Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,

lukhuluma inkohliso;

bakhuluma kahle ngomlomo wabo

komakhelwane babo,

kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade.

“Umphefumulo wami

awuyukuziphindiselela yini

esizweni esinjengalesi na?”

10Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni,

nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo;

ngokuba aqothuliwe,

akukho muntu owedlula kuwo,

akuzwakali nakukhala kwemfuyo;

izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

11“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe,

nendawo yamakhanka;

imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo,

kungahlali muntu kuyo.”

12Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na?

13USimakade wathi: “Kungenxa yokuba bawushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo. Abalilalelanga izwi lami futhi abahambanga ngalo.

14Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”

15Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.

16Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”

Izwi Lesililo EZiyoni

17Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi:

“Qaphelani, nibize abesifazane besililo

ukuba beze;

thumelani kwabesifazane abahlakaniphileyo

ukuba bafike,

18mabasheshe basikhihlele isililo,

ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi,

izinkophe zethu ziphophoze amanzi.

19Ngokuba izwi lesililo lizwakele

livela eZiyoni, lithi:

‘Yeka ukubhujiswa kwethu!

Sithelwe ngehlazo kakhulu;

silishiyile izwe,

ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”

20Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane,

izindlebe zenu zilamukele izwi

eliphuma emlonyeni wakhe,

nifundise amadodakazi enu iculo lesililo,

kube yilowo nalowo

afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo.

21Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,

kungene ezinqabeni zethu,

kubulala izingane emigwaqweni,

nezinsizwa ezigcawini.

22Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala

njengendle emasimini,

nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe

okusala emva komvini,

kungekho okubuthayo.’ ”

23Usho kanje uSimakade, uthi:

“Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba

ngokuhlakanipha kwakhe,

neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo,

nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.

24Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu,

ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi

ukuthi nginguSimakade owenza umusa,

ubulungiswa nokulunga emhlabeni,

ngokuba ngiyathokoza

ngalezi zinto,” kusho uSimakade.

25“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,

26iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help