1Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni.
2Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi
lokunxusa kwami.
3Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko,
Nkosi, ngubani ongema na?
4Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.
5Ngizolindela uSimakade,
umphefumulo wami uzolinda,
ngiyalethemba izwi lakhe.
6Umphefumulo wami ulindela iNkosi
kunabalindi abalindela ukusa.
7U-Israyeli makethembe uSimakade,
ngokuba umusa ukuSimakade,
nokukhulula konke kukuye.
8Uyomhlenga u-Israyeli
kuzona zonke iziphambeko zakhe.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.