AMahubo 4 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wothembele KuNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo likaDavide

1Ngiphendule lapho ngikhala,

Nkulunkulu ongukulunga kwami.

Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi;

yiba nomusa kimi,

uzwe umkhuleko wami.

2Madodana abantu,

kuyoze kube nini

nithunaza isithunzi sami na?

Kuyoze kube nini

nithanda okuyize,

nifuna okungamanga na? Sela

3Yazini ukuthi uSimakade

uzehlukanisele abaqotho;

uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.

4Thukuthelani,

kodwa ningoni;

zindlani enhliziyweni yenu,

embhedeni wenu,

nithule. Sela

5Nikelani ngeminikelo yokulunga,

nethembele kuSimakade.

6Baningi abathi:

“Ngubani oyakusenzela okuhle na?”

Simakade, phakamisela ukukhanya

kobuso bakho phezu kwethu.

7Ubeke injabulo enhliziyweni yami,

eyedlula leyo yesikhathi

lapho kunensada yokusanhlamvu,

neyewayini labo elisha.

8Ngiyakulala phansi ngokuthula,

ngilalise okwengane,

ngoba nguWena wedwa, Simakade,

ongenza ngihlale ngiphephile.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help