INumeri 19 - IsiZulu 2020

Isithole Esibomvu Esingenasici

1USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:

2 “Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni,

3 basinike u-Eleyazare umphristi, yena asikhiphele ngaphandle kwenkambu, asihlabe phambi kwakhe.

4 U-Eleyazare umphristi, uyothatha igazi laso ngomunwe wakhe, achinse ngalo kasikhombisa ngaphambi kwethende lokuhlangana.

5Isithole uyosishisa phambi kwakhe, nesikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, nomswani waso.

6 Umphristi uyothatha umsedari, ihisophi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.

7 Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.

8Oshisa leso sithole uyohlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze nomzimba wakhe, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.

9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.

10 Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolileyo kuze kube kusihlwa. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubantu bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobele phakathi kwabo.

Ukuthinta Isidumbu

11 “ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.

12 Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

13 Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.

14“ ‘Nanku umthetho uma umuntu efela ethendeni: yilowo nalowo ongena ethendeni nalowo osethendeni uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.

15Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.

16 “ ‘Yilowo nalowo othinta obulewe ngenkemba endle, noma ozifele nje, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.

17 “ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni,

18umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.

19 Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

20 Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.

21 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.

22 Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help