IZaga 25 - IsiZulu 2020

Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (1)

1 Nazi ezinye izaga zikaSolomoni ezaphinde zaqoshwa ngamadodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.

2 Kuludumo kuNkulunkulu ukusibekela izinto,

kodwa kuludumo lwamakhosi ukuphenyisisa udaba.

3Njengalokhu amazulu ephakeme,

nomhlaba ujulile,

injalo nenhliziyo yamakhosi, ayiphenyisiseki.

4 Susa amanyela esiliveni

ukuze umkhandi athole

azokwakha ngakho isitsha.

5 Susa isikhohlakali phambi kwenkosi,

khona isihlalo sayo sobukhosi

sizoqiniswa ngokulunga.

6Ungaziphakamisi phambi kwenkosi,

ungami endaweni yabakhulu,

7 ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe:

“Yenyukela lapha,”

kunokuba wehliselwe phansi

phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

8 Ungasheshi uphume uye enkantolo,

ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni,

lapho umakhelwane wakho

esekuthela ngehlazo na?

9 Khuluma udaba lwakho nomakhelwane wakho,

ungayidaluli imfihlo yomunye,

10funa okuzwayo akuthele ngehlazo,

ungabe usahlonishwa.

11 Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifaneleyo

lifana namahhabhula egolide

asezitsheni zesiliva.

12 Njengecici legolide

nemvunulo yegolide elicolisekileyo,

unjalo osola ohlakaniphileyo

onendlebe elalelayo.

13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna,

sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo,

ngokuba sivuselela ukuphila kumniniso.

14 Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula,

unjalo umuntu ozincoma ngesipho angasiphiwanga.

15 Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa,

nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.

16 Uma uthole uju,

yidla okwanele wena,

funa lukucike, bese uphalaza.

17Unyawo lwakho malungavami endlini

yomakhelwane wakho,

funa adinwe nguwe, bese ekuzonda.

18 Umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe,

ufana nesando, nenkemba,

nomcibisholo obukhali.

19 Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka,

kunjengezinyo elephukileyo

nonyawo olwenyelileyo.

20 Ohubela inhliziyo edangeleyo izihlabelelo,

unjengokhumula ibhantshi ngosuku kumakhaza,

nanjengothela uviniga esilondeni.

21 Uma okuzondayo elambile,

mnike ukudla, adle;

uma omile,

muphe amanzi aphuze.

22Ngokuba uyakuthela

amalahle omlilo ekhanda lakhe,

bese kuthi wena uSimakade akuvuze.

23 Umoya wasenyakatho uletha imvula,

nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.

24 Kungcono ukuhlala egumbini lophahla,

kunokuhlala endlini nowesifazane onothuthuva.

25Njengamanzi aqandayo emphinjeni owomileyo,

unjalo umbiko omuhle

ovela ezweni elikude.

26 Njengomthombo odungekileyo

nesiphethu esonakeleyo,

unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

27Akukuhle ukudla uju oluningi,

nokuzifunela udumo phezu kodumo.

28Umuntu ongakwazi ukuzithiba,

ufana nomuzi odiliziwe,

ongasenalo ugange.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help