AMahubo 76 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu UngumnqobiKumholi Wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa

1UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,

igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2Ithabanakeli lakhe liseSalema,

nendlu yakhe iseZiyoni.

3Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo,

isihlangu, inkemba, nempi. Sela

4Lapho uvela ezintabeni zempango,

uyakhazimula ngobukhosi.

5Amaqhawe aphangiwe,

alala obokugcina,

akukho qhawe elikwaze

ukusebenzisa izandla zalo.

6Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe,

inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.

7Wena, yebo, Wena uyesabeka;

ngubani ongema phambi kwakho

lapho uthukuthele na?

8Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini,

umhlaba wesaba, wathula

9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,

asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela

10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa,

insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11Thembisani, nizifeze izithembiso

enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu.

Bonke abamzungezileyo

mabalethe izipho kuye owesabekayo.

12Unquma umoya wezikhulu,

uyesabeka emakhosini omhlaba.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help