1 Kwathi ngonyaka wama-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka wayohlasela uJuda. Wakha iRama ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa, inkosi yakwaJuda.
2U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:
3“Makube khona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengoba sasikhona naphakathi kukababa noyihlo, phela sengithumele isiliva negolide; hamba wephule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi.”
4 UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe, bahlasela imizi yakwa-Israyeli. Banqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Mayimi, nayo yonke imizi yakwaNafethali, eyayiyizinqolobane.
5Kwathi ukuba uBhahasha akuzwe lokho, wayeka ukwakha iRama, wawumisa umsebenzi wakhe.
6Kepha u-Asa, inkosi, noJuda wonke, bahamba bathatha amatshe eRama nemithi uBhahasha ayakhe ngakho. Wakha ngakho iGebha neMizpha.
Isiphrofetho SikaHanani7 Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.
8 AmaKhushe namaLubi ayengesiyo yini impi enkulu, enezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokuba wawuthembele kuSimakade, Yena wayinikela esandleni sakho.
9 Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”
10U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.
Ukugula Nokukhothama Kuka-Asa11 Bheka, izindaba zika-Asa, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.
12Kwathi ngonyaka wama-39 wokubusa kwakhe u-Asa, wahlaselwa yisifo ezinyaweni zakhe; isifo esasimphethe sasinzima kakhulu, kodwa akamfunanga uSimakade ngenxa yaso; waya ezinyangeni.
13U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wayekhothame ngonyaka wama-41 wokubusa kwakhe.
14 Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.