AMahubo 59 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wocela Ukukhululwa EzitheniKumholi wokuhlabelela. Indlela: ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale

1Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami,

ungivikele kwabangivukelayo.

2Ngikhulule kwabenza okubi,

ungisindise kubantu abomele igazi.

3Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami,

iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko

nasono kimi, Simakade.

4Ziyagijima, zizilungisele, ngingenacala,

vuka ungihlangabeze, uzibonele ngawakho.

5Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla,

Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe,

ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

6Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja,

bezulazula emzini.

7Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo,

amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo,

ngokuba bathi:

“Ngubani ozwayo na?”

8Kepha Wena Simakade uyabahleka,

ubaklolodele bonke abezizwe.

9Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela,

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe;

uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.

11Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe,

kodwa zihlakaze ngamandla akho,

uziqumbe phansi, Nkosi,

sihlangu sethu.

12Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono

esiphuma emlonyeni wazo,

mazibambeke ekuqhosheni kwazo,

nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13Ziqede nya, ngolaka,

uzishabalalise ziphele nya,

mazazi ukuthi nguNkulunkulu

obusa kwaJakobe,

kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

14Zibuya kusihlwa, zihlabe umkhulungwane njengenja,

zizulazule emzini.

15Zehla zenyuka zifuna ukudla;

uma zingasuthi, ziyagwavuma.

16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,

ngithabele umusa wakho ekuseni,

ngokuba uyinqaba yami

nesiphephelo sami

ngosuku lokuhlupheka kwami.

17Mandla ami, ngizohubela Wena;

ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami,

unguNkulunkulu wami onomusa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help