2 IZikhronike 21 - IsiZulu 2020

UJehoramu Uyinkosi KwaJuda

1 UJehoshafathi walaliswa kokho bakhe, wembelwa kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJehorama, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 UJehoshafathi wayenabafowabo namadodana. Amadodana akhe kwakungu-Azariya, uJehiyeli, uZakhariya, u-Azariyahu, uMikhayeli noShefathiya; wonke lawa kwakungamadodana enkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafathi.

3 Uyise uJehoshafathi wayebaphe izipho ezinkulu zesiliva, zegolide, nezinto ezinhle kakhulu nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kodwa umbuso wawunika uJehoramu ngoba wayeyizibulo.

UJehoramu Wenza Okubi

4UJehoramu esemile embusweni kayise waziqinisa impela, wabe esebulala bonke abafowabo ngenkemba, nabathile ababengabaholi kwa-Israyeli.

5 UJehoramu wayeneminyaka engama-32 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.

6 Wahamba endleleni yamakhosi akwa-Israyeli njengoba kwenza abendlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi ka-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.

7 Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke.

8 Emihleni yakhe abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda, bazibekela eyabo inkosi.

9UJehoramu wayesewela nezinduna zakhe zonke, nezinqola zakhe zonke, wavuka ebusuku, wababhubhisa abakwa-Edomi ababemzungezile nezinduna zezinqola.

10U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.

11 UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.

12 Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,

13 kodwa uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waholela uJuda nabakhileyo eJerusalema ekuphingeni, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, wabuye wabulala abafowenu bendlu kayihlo ababebahle kunawe;

14ngakho-ke uSimakade uzoshaya ngokushaya okukhulu abantu bakho, amadodana akho, omkakho nayo yonke impahla yakho.

15 Wena uyakwehlelwa yisifo esikhulu, isifo esisezibilini; uyakugula zize izibilini zakho ziphumele ngaphandle usuku nosuku, uze ufe.’ ”

16 USimakade wavusela uJehoramu umoya kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababengamaKhushe;

17 bonke bakhuphuka bayokulwa noJuda, babhodloza bangena khona, bathumba yonke impahla etholakala esigodlweni senkosi, amadodana ayo, nobomkayo, akwasala ndodana kuye, ngaphandle nje kukaJehowahazi owayengomncane emadodaneni akhe.

Ukukhothama KukaJehoramu

18 Sekwedlule konke lokho, uSimakade washaya uJehoramu ezibilinini, ngesifo esasingenakwelashwa.

19 Kwathi ngokuhamba kwesikhathi sekuzophela iminyaka emibili, zaqala ukuphuma izibilini zakhe, ngenxa yaleso sifo, wafa ngobukhulu ubuhlungu. Kepha abantu bakhe abazange bamshisele lutho lapho esekhotheme, njengoba babekade beshisela okhokho bakhe.

20 Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help