UJeremiya 41 - IsiZulu 2020

1Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya ka-Elishama, ongowozalo lwasebukhosini futhi engomunye wezikhulu zenkosi kanye namadoda alishumi, bafika kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu eMizpha, badla khona ukudla ndawonye.

2U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya namadoda alishumi ayehamba nawo, basukuma, bambulala ngenkemba uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani; uGedaliya owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.

3Bonke abaJuda ababenoGedaliya eMizpa namaKhaledi, namabutho ayelapho, wawabulala.

4Kwathi ngosuku lwesibili uGedaliya ebulewe, kungazi muntu,

5kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.

6U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, waphuma eMizpha ukuyowahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho ehlangana nawo, wathi kuwo: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”

7Kwathi ukuba angene phakathi emzini, u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, namadoda ayenaye bawabulala lawo madoda, bawaphonsa emgodini.

8Kepha kwakukhona amadoda alishumi phakathi kwawo, athi ku-Ishmayeli: “Ungasibulali, ngokuba emasimini ethu sinengcebo kakolo, ibhali, amafutha, noju.”

Wayesewayeka, wangawabulala nabafowabo.

9Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.

10U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.

11Kwathi ukuba uJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bezwe ngobubi obenziwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaliya,

12baqoqa wonke amadoda, bahamba bayokulwa no-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, bamthola ngasemanzini amaningi aseGibheyoni.

13Kwathi ukuba bonke abantu ababeno-Ishmayeli bambone uJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bathokoza.

14Bonke abantu ababethunjwe ngu-Ishmayeli eMizpha bajika, babuyela emuva noJohanani, indodana kaKhareya.

15Kepha u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, waphunyuka kuJohanani namadoda ayisishiyagalombili, waya kwabakwa-Amoni.

16UJohanani, indodana kaKhareya, nabo bonke abakhuzi bempi ababenaye, bathatha yonke insali yabantu eyayithunjwe ngu-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, eMizpha, emveni kokuba esebulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amabutho, abesifazane, izingane, nabathenwa, ayebuye nabo eGibheyoni.

17Bahamba, baze bayophumula eKhimihamu eliseduze neBhethlehema, ukuze baqhubekele eGibhithe,

18bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help