UMshumayeli 4 - IsiZulu 2020

Incindezelo Nokweswela Abangani Phansi Komthunzi Welanga

1 Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.

2 Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila;

3 kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.

4 Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

5 Isiwula sisonga izandla zaso,

sidle inyama yaso.

6 Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula,

kunezimbili ezigcwele umshikashika,

kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

7Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga:

8 umuntu owayengenabani,

engenandodana namfowabo,

nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo,

namehlo akhe enganeliseki wumcebo.

Uthi:

“Ngisebenzela bani kangaka,

ngizincisha intokozo na?”

Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.

9 Ababili bangcono kunoyedwa,

ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo.

10Ngokuba uma bewa, bayavusana;

maye kulowo oyedwa,

nxa ewa akanaye ongamvusa!

11 Uma ababili belala ndawonye bayafudumala,

uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?

12Noma umuntu oyedwa engehlulwa,

nxa bebabili bangazivikela.

Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.

13 Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko.

14 Umuntu angaphuma ejele abuse, ngisho noma ezalwe engompofu embusweni.

15Ngabona abaphilayo behla benyuka phansi komthunzi welanga, belandela lowo muntu omusha owayezothatha isikhundla sobukhosi;

16 babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help