UMshumayeli 12 - IsiZulu 2020

1 Khumbula uMdali wakho

ezinsukwini zobusha bakho,

zingakafiki izinsuku ezimbi,

neminyaka ingakasondeli

oyothi ngayo:

“Angithokozi.”

2 Mkhumbule Yena

ilanga nokukhanya,

nenyanga nezinkanyezi

kungakafiphali,

lingakahlomi futhi

emuva kwemvula.

3 Ngosuku lapho

abalindi bendlu beyothuthumela,

namadoda anamandla athothobale,

nabasilayo beyoyeka ukugaya,

ngoba sebeyingcosana,

nabalunguza ngamafasitela

bangabe besalunguza,

4 lapho neminyango

ephumela emgwaqweni iyovalwa,

nomsindo wesigayo

ushayele phansi,

abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni,

nokuhlabelela kwamadodakazi

sekuzwakalela phansi,

5 nalapho abantu

besaba okuphakemeyo,

isihlahla somAlimondi

siyoqhakaza,

intethe itotobe,

izihlahla zekaphari zingatheli,

ngokuba umuntu

useya ekhaya lakhe laphakade,

abalilayo bayazulazula

emigwaqweni,

6 ngaphambi kokuba

intambo yesiliva igqabuke,

kuphahlazeke nesitsha segolide,

nokhamba lufele emthonjeni,

nesondo lifele

emgodini wamanzi,

7 uthuli lubuyele emhlabathini,

njengoba lwalunjalo,

umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu

owawuvele kuye.

8 “Yize leze,

konke kuyize,”

kusho uMshumayeli.

Isiphetho Sendaba

9 Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi.

10 UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso.

11 Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.

12 Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.

13 Nasi isiphetho sendaba,

lapho konke sekuzwakele:

mesabe uNkulunkulu,

ugcine imiyalelo yakhe,

ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

14 Ngokuba uNkulunkulu

uyoyisa yonke

imisebenzi ekwahluleleni,

nazo zonke izimfihlo,

noma ngabe zinhle noma zimbi.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help