UMshumayeli 7 - IsiZulu 2020

Okungcono Empilweni (1)

1 Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi,

nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.

2 Kungcono ukuya endlini yabalilayo,

kunokuya endlini lapho kunedili khona,

ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke,

abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.

3 Usizi lungcono kunokuhleka,

ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.

4 Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo,

kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.

5 Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo,

kunokulalela iculo leziwula.

6 Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe,

kunjalo ukuhleka kweziwula.

Nalokho kuyize.

7 Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula,

ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.

8 Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo;

onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.

9 Ungasheshi ukuthukuthela,

ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.

10Ungasho ukuthi:

“Kungani izinsuku zasemandulo

zazingcono kunezanamuhla na?”

Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni.

11 Ukuhlakanipha kuhle njengefa,

futhi kusiza labo abasalibona ilanga.

12 Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha

kufana nokuvikeleka kwemali,

kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha

kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.

13 Bheka umsebenzi kaNkulunkulu;

ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?

14 Ngosuku lwempumelelo, jabula;

ngosuku lwenhlupheko, qaphela;

nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku.

Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi

ukubona okuyoba khona uma esefile.

15 Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize:

umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe,

nomuntu omubi ephila

isikhathi eside ebubini bakhe.

16 Ungabi ngolunge kakhulu,

ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele;

uzibhubhiselani na?

17 Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa,

noma oyisiwula;

ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?

18 Kuhle ukuthi ukubambe lokhu;

ungasisusi isandla sakho kukho,

ngokuba owesaba uNkulunkulu

uyaphumelela kukho konke.

19 Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile,

edlule ababusi abalishumi abasemzini.

20 Impela emhlabeni akekho umuntu

owenza okulungile kodwa,

ongoni ngalutho.

21 Ungayibeki inhliziyo yakho

kukho konke okushiwo ngabantu,

funa uzwe inceku yakho ikuqalekisa.

22 Inhliziyo yakho iyazi

ukuthi nawe uhlale ubaqalekisa abanye.

23 Konke lokhu ngikuhlolisise ngokuhlakanipha; ngase ngithi:

“Ngizohlakanipha,”

kodwa ukuhlakanipha kwaba kude nami.

24 Okusemajukujukwini nokusekujuleni,

ngubani ongakufumana na?

25 Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini

ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke,

nokwazi ububi bobuwula,

nokuthi ubuwula bungukuhlanya.

26 Ngathola okumuncu okwedlula ukufa:

owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi,

ozandla zakhe ziyizibopho;

othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye,

kodwa isoni uyasibamba.

27 “Yilokhu-ke engikutholile,”

kusho uMshumayeli.

“Ngihlanganisa lokhu nalokhu

ukuze ngithole umphumela,

28 ingqondo yami esiwucinge iphindelela,

kodwa ingawufumani.

Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane,

kodwa angimtholanga owesifazane

phakathi kwakho konke lokho.

29 Yilokhu kodwa engakuthola,

ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho,

kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help