UZefaniya 2 - IsiZulu 2020

Isizwe Siyanxuswa Ukuba Siphenduke

1Qoqanani, nihlangane ndawonye,

sizwe esingenamahloni,

2singakaphumi isinqumo,

lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba,

lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade,

lungakafiki phezu kwenu

usuku lolaka lukaSimakade.

3Funani uSimakade nina nonke

enithobekileyo bomhlaba,

nina enenze izehlulelo zakhe,

funani ukulunga,

nifune ukuthobeka,

mhlawumbe niyakukhoseliswa

ngosuku lolaka lukaSimakade.

Ukubhujiswa Kwezizwe Ezakhelene No-Israyeli

4Impela iGaza liyakusala dengwane,

i-Ashikeloni libe ngamanxiwa,

i-Ashidodi balixoshe emini kwabha,

kuthi i-Ekhroni lisishulwe.

5Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,

sizwe samaKherithe!

Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani,

lizwe lamaFilisti.

“Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”

6Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo,

amadlangala abelusi, nezibaya zezimvu.

7Ugu luyakuba ngolwensali

yabendlu yakwaJuda,

yeluse kulo.

Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa,

ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela,

aguqule ukuthunjwa kwayo.

8“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi,

namazwi ayiziswana abakwa-Amoni

abathuke ngawo abantu bami,

bazandisele imingcele ezweni labo.

9Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,”

kusho uSimakade Wamabandla,

uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:

“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,

abantu bakwa-Amoni bafane neGomora,

izwe lembabazane nemigodi kasawoti

nencithakalo yaphakade.

Insali yabantu bami iyakubaphanga,

nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”

10Yilokho okuyakuba ngokwabo

esikhundleni seqholo labo,

ngokuba bathuke inhlamba,

basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.

11USimakade uyakwesabeka kubo,

ngokuba uyakushabalalisa

bonke onkulunkulu bomhlaba.

Bayakukhuleka kuye,

kube yilowo nalowo esendaweni yakhe,

kuzo zonke iziqhingi zezizwe.

12“Nani futhi maKhushe,

niyakubulawa ngenkemba yami.”

13Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho,

abhubhise i-Asiriya,

iNineve alenze libe yincithakalo,

lome njengehlane.

14Imihlambi iyakubuthisa kulo,

zonke izilwane zesizwe,

isikhova nonoxhongo kuhlale

ezihlokweni zezinsika zalo ebusuku.

Umsindo wokukhala kwenyoni

uyakuzwakala efasiteleni,

imfucumfucu ibe sembundwini,

ngokuba imishayo yomsederi uyakuyibeka obala.

15Yiwo lo muzi owawujabulile,

uhlala uvikelekile,

uthi enhliziyweni yawo:

“Yimina, mina ngedwa,

akekho omunye!”

Maye, ngokuphenduka kwawo

ube yincithakalo

nendawo yokubuthisa izilwane!

Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa,

banikine amakhanda.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help