1 KuThimothewu 3 - IsiZulu 2020

Okufuneka Kwabazakuphatha Ibandla

1 Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle.

2 Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,

3 ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali,

4 ophatha kahle umuzi wakhe; abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke.

5 Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?

6 Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.

7 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.

8 Ngokunjalo namadikoni kufanele abe ngahloniphekile, angabi nolimi olumbaxambili, angabi zinkolotshe zewayini, angayihaheli inzuzo embi,

9 kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa.

10 Kufanele ahlolwe kuqala andukuba abe ngamadikoni, abe ngangasolekiyo.

11 Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.

12 Amadikoni mawabe mfazi munye, akwazi ukuphatha kahle abantwana bawo nemizi yawo.

13 Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.

Umgomo Wale Ncwadi

14Ngikulobela lokhu ngethemba lokuthi ngizakuza kuwe kungakapholi maseko.

15 Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

16 Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi:

Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya,

wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe,

bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help