KuThithu 3 - IsiZulu 2020

Ukulalela Amakhosi

1 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;

2 bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.

3 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.

4 Kepha lapho sebubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,

5 wasisindisa; hhayi ngemisebenzi yokulunga esayenza, kodwa ngokwesihawu sakhe, ngokugezwa kokuphindu kuzalwa, ngokuba senziwe basha ngoMoya oNgcwele,

6 amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu,

7 ukuze sithi silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.

Xwaya Izimfundiso Zamanga

8 Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu,

9 kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude.

10 Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili,

11 wazi ukuthi lowo muntu uphambukile, uyona, futhi uzahlulela yena.

Isiphetho

12 Kuyakuthi uma sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, uphuthume uze kimi eNikhopholi, ngokuba senginqumile ukuthi ngihlale lapho ebusika.

13 UZena, ummeli, no-Apholo basendleleni, uqinisekise ukuthi abasweli lutho.

14 Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.

15 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.

Umusa mawube nani nonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help