UHezekeli 19 - IsiZulu 2020

Isililo Ngendlu Yakwa-Israyeli

1“Wena, khihla isililo ngenxa yezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:

2“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi

enjani phakathi kwezingonyama na?

Wayebuthisa phakathi kwamabhongo,

ondle amawundlu akhe.

3Wakhulisa elinye lamawundlu akhe,

laba yibhongo,

lafunda ukudwengula inyamazane,

ladla nabantu.

4Izizwe zezwa ngalo,

labanjwa, layiswa ngezingwegwe eGibhithe.

5“ ‘Walinda, wabona ukuthi ulindele ize,

ithemba lakhe selishabalele,

wathatha elinye iwundlu lakhe,

walenza ibhongo.

6Lazulazula phakathi kwezingonyama,

liyibhongo,

laze lafunda ukudwengula inyamazane,

ladla nabantu.

7Labhidliza izinqaba zabo,

labhubhisa imizi yabo;

izwe laba yincithakalo,

nakho konke okukulo, kwathuthumela

ngenxa yokubhonga kwalo.

8Izizwe zase zigasela kulo,

zivela kuwo wonke amazwe akhelene nalo,

zendlala inetha phezu kwalo,

labanjwa ogibeni lwazo.

9Zalifaka ngezingwegwe endlwaneni evaliweyo,

zaliyisa enkosini yaseBhabhele,

zalifaka ezinqabeni

ukuze ukubhonga kwalo

kuphinde kuzwakale

ezintabeni zakwa-Israyeli.

10“ ‘Unyoko wayenjengomvini otshalwe ngasemanzini;

othela kakhulu

futhi ugcwele amagatsha

ngenxa yamanzi amaningi.

11Wawunamagatsha aqinileyo,

aba yizintonga zababusi;

isiqu sawo sasiphakeme

phakathi kwamagatsha amaningi,

wawubonakala ngobude bawo,

nangobuningi bamagatsha awo.

12Kepha wasishulwa ngolaka,

wathelwa othulini,

umoya wasempumalanga

womisa isithelo sawo;

isiqu sawo esiqinileyo,

sabuna, saqothulwa ngumlilo.

13Manje usutshalwe ehlane,

ezweni eligagadekileyo nelomileyo.

14Umlilo uphumile esiqwini sawo,

wadla amagatsha awo nesithelo sawo,

akusalanga gatsha kuwo eliqinileyo,

nantonga yokubusa.’

“Lesi yisililo; impela makube yisililo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help