1 AMakhosi 17 - IsiZulu 2020

Umphrofethi U-Eliya Wondliwa Ngamagwababa

1 U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”

2Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi:

3“Suka lapha, uhambe ubheke ngasempumalanga, ufike ucashe ngasemfudlaneni iKherithi, ophambi kweJordani.

4 Uyophuza emfudlaneni, Mina ngiyale amagwababa ukuba akondle lapho.”

5Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani.

6Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.

7Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.

U-Eliya Wandisa Impuphu Namafutha Komfelokazi

8Izwi likaSimakade lafika kuye, lathi:

9 “Suka uye eZarefathi eseSidoni, uhlale khona. Sengiyale owesifazane ongumfelokazi lapho ukuba akondle.”

10 Wasuka waya eZarefathi; wafika esangweni lomuzi, bheka, nango owesifazane ongumfelokazi etheza izinkuni zokubasa. Wambiza wathi kuye: “Ake ungilethele amanzana esitsheni, ngiphuze.”

11Esasuka nje eyowalanda, wambiza futhi, wathi: “Ake ungiphathele nocezu lwesinkwa.”

12 Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”

13Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kodwa yenzela mina kuqala iqebelengwane elincane, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.

14Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayiyukuphela, nophiso lwamafutha aluyukuswela, kuze kufike lolo lusuku uSimakade ayokunisa ngalo imvula emhlabeni.’ ”

15 Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, u-Eliya, nabendlu yakhe izinsuku eziningi.

16Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengokusho kwezwi likaSimakade ayelikhulume ngomlomo ka-Eliya.

17Kwathi emveni kwalokho, indodana yalowo mfelokazi, umninindlu, yagula. Ukugula kwayo kwaba nzima kangangokuthi yayingasakwazi ukuphefumula.

18 Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”

19Kepha u-Eliya wathi kuye: “Nginike indodana yakho.”

Wayithatha esifubeni sakhe, wakhuphukela nayo ekamelweni eliphezulu, lapho ayehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.

20Wayesekhala kuSimakade, ethi: “Simakade Nkulunkulu wami, kungani wehlisele lo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”

21 Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”

22 USimakade walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.

23 U-Eliya wayesemthatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”

24 Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaSimakade elisemlonyeni wakho, liyiqiniso.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help