UJobe 36 - IsiZulu 2020

U-Elihu Uthi UNkulunkulu Ufuna Kuphela Ukuba Isoni Siphenduke

1U-Elihu waqhubeka wathi:

2“Ngibekezelele kancane, ngizokukhombisa,

ngokuba ngisenamazwi okumela uNkulunkulu.

3 Ngizolulanda kude ulwazi lwami,

ngikunike uMenzi wami ukulunga.

4 Impela ayikho inkohliso emazwini ami;

onolwazi olupheleleyo unawe.

5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla,

kodwa akukho muntu ambukela phansi,

mkhulu emandleni okuqonda.

6 Akazigcini izigilamkhuba ziphila,

kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa.

7 Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo,

kodwa ubahlalisa namakhosi

ezihlalweni zobukhosi,

baphakame, kuze kube phakade.

8Uma beboshwa ngamaketango,

babanjwe yizintambo zokuhlupheka,

9 lapho uyababonisa izenzo zabo

neziphambeko zabo

ukuthi baziphakamisile.

10 Uyazivula izindlebe zabo

ukuze zizwe ukuyalwa,

abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo.

11 Uma belalela, bamkhonze,

imihla yabo iyophetha ngempumelelo

neminyaka yabo, bethokozile.

12 Kepha uma bengalaleli,

bayobhubha ngenkemba,

bafe bengenalwazi.

13“Abangenakulunga enhliziyweni baqongelela ulaka,

abakhali bacele usizo lapho ebabopha.

14 Bafa besebasha, ukuphila kwabo

kuphelele ehlazweni.

15 Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe,

avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

16 “Impela uyakukukhulula osizini,

akubeke endaweni ebanzi,

lapho kungekho ukunyinyeka khona,

kubekwe okunonile etafuleni lakho.

17 Kepha wena uhluphekile ngokuthi

izikhohlakali ziyakujeziswa yini;

ukwehlulela nobulungiswa kuyokwenziwa.

18 Qaphela ingcebo, ingakuyengi,

ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo.

19Ukuceba kwakho,

nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho,

kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na?

20 Ungabulangazaleli ubusuku lapho abantu

bebhujiswa ezindaweni zabo.

21 Qaphela, ungaphendukeli ebubini,

ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.

22 “UNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;

ngubani ofundisa njengaye na?

23 Ngubani ombekele indlela azohamba ngayo na?

Ngubani ongathi:

‘Wenze okungalungile’ na?

24 Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe

abahlabelela ngayo abantu.

25 Bonke abantu bayibonile,

bonke bayibukela kude.

26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi,

ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.

27 “Wenyusa amathonsi amanzi,

abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe.

28Amafu uwenza aconse,

awathululele phezu kwabantu abaningi.

29 Ukhona yini ongakuqonda ukuthi

amafu uweneke kanjani,

nokuduma kwedokodo lakhe na?

30Umbani wakhe uyawusabalalisa umzungeze,

amboze izisekelo zolwandle.

31 Ngokuba ngalokho ubusa abantu,

abaphe ukudla okuningi.

32 Usibekela izandla zakhe ngombani,

awuyale ukuba ushaye inkololo.

33 Ukuduma kwawo kulanda ngaye,

isiphepho sibikezela ngolaka lwakhe.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help