UJobe 38 - IsiZulu 2020

USimakade Uphendula UJobe

1 USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi:

2 “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi

angenalwazi na?

3 Bopha ukhalo lwakho njengendoda,

ngizokubuza, wena ungazise.

4 Wawukuphi lapho ngibeka

izisekelo zomhlaba na?

Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.

5 Ngubani owamisa izilinganiso zawo,

ngabe uyazi na?

Ngubani owelula umucu wokulinganisa

phezu kwawo na?

6 Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na?

Labekwa ngubani itshe lawo legumbi,

7 lapho izinkanyezi zokusa

zihlabelela kanyekanye,

nawo wonke amadodana

kaNkulunkulu ejabula na?

8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo,

lapho luqhibuka, luphuma esiswini,

9ngesikhathi ngibeka amafu

eba yisembatho salo,

nesigayegaye siba yimbeleko yalo,

10 nalapho ngilumisela umngcele walo,

ngimisa imigoqo nezicabha,

11ngathi:

‘Uyokhuphuka ugcine lapha,

kepha awuyukudlula,

kulapho amaza akho

aziqhenyayo azokuma khona’?

12“Selokhu waba khona,

sewake wakuyala yini ukusa,

wenza intathakusa iyazi indawo yayo,

13 ukuze ibambe amagumbi omhlaba,

izikhohlakali zivuthululwe kuwo na?

14Uguquka njengobumba lophawu lokusicilela,

ludayiwe njengesembatho.

15 Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini,

kwaqedwa nobudlova bazo.

16 “Wake wangena emithonjeni yolwandle,

wahamba phansi ezinzulwini zalo na?

17 Sewake wawakhonjiswa yini

amasango okufa,

wabona amasango ethunzi lokufa na?

18 Uyabuqonda yini ububanzi bomhlaba na?

Yisho uma ukwazi konke lokho.

19“Iphi indlela eya lapho

kuhlala khona ukukhanya,

nobumnyama na?

iphi indawo yabo,

20 ukuze ukuyise endaweni yakho,

uqonde imikhondo yendlu yakho na?

21 Angithi uyakwazi,

ngokuba wawusuzelwe,

nomumo wemihla yakho mkhulu na?

22 “Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa,

wabona izinqwaba zesichotho

23 engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka

nosuku lokulwa nolwempi na?

24 Iphi indlela eya lapho

ukukhanya kuhlakazwa khona,

nalapho umoya wasempumalanga

uhlakazekela khona emhlabeni na?

25 Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi,

umsele nonyazi lokuduma, indlela,

26 ukunisa imvula ezweni

elingahlalwa muntu,

nasehlane elingenamuntu,

27 ukusuthisa ihlane kwahlongasibi

nokuhlumisa uhlaza na?

28 Ukhona yini uyise wemvula na?

Ngubani owazala amathonsi amazolo na?

29 Iqhwa liphuma esiswini sikabani,

nesithwathwa sizalwa ngubani na?

30Amanzi ayaqina abe njengetshe,

ubuso botwa bube yiqhwa.

31 “Ungawabopha yini amaketanga eSilimela,

uthukulule izintambo zeMpambano na?

32Ungazikhipha yini izinkanyezi ngesikhathi sazo,

uhole uMthala nohoye lwezinkanyezi zawo na?

33 Uyazazi yini izimiso zasezulwini?

Ungazibekela yini

umthetho wokubusa kwazo emhlabeni na?

34 “Ungamemeza yini kuze kuzwakale emafini,

ukuze izikhukhula zikusibekele na?

35 Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe,

bese ithi kuwe:

‘Bheka, silapha’ na?

36 Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,

onika ukuqonda enhliziyweni na?

37 Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,

athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,

38lapho uthuli luphenduka isigaxa,

namagabade anamathelane na?

39 “Ungalizingelela yini ibhubesi, impango,

usuthise iphango lamabhongo amabhubesi,

40 lapho elala emiphandwini yawo,

noma ecuthe ehlozini na?

41 Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo,

lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu,

ezulazula, ngenxa yokweswela ukudla na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help