U-Izaya 1 - IsiZulu 2020

Ukusolwa Kwesizwe SakwaJuda

1Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.

2Yizwani mazulu,

ubeke indlebe we mhlaba,

ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi:

“Ngikhulisile, ngondla abantwana,

kodwa bangihlubukile.

3Inkabi iyamazi umniniyo,

nembongolo umkhombe

lapho umniniyo eyiphakela khona,

kodwa u-Israyeli akazi,

abantu bami kabaqondi.”

4Maye kuwe, sizwe esonayo,

bantu abasindwa ngukona,

nzalo yezonakali,

bantwana abonakeleyo!

Bamshiyile uSimakade,

bamdelela oNgcwele ka-Israyeli,

bahlehlile bamfulathela.

5Nisazoshaywa kuphi futhi,

lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na?

Lonke ikhanda liyagula,

nenhliziyo yonke ibuthakathaka.

6Kusukela ematheni onyawo

kuze kube sekhanda,

akukho mpilo,

kodwa ngamanxeba nezilonda zodwa,

amanxeba ophayo awakhanyiwe ubovu,

noma aboshwe,

noma athanjiswe ngamafutha.

7Izwe lakini liyincithakalo,

imizi yakini ishiswe ngomlilo,

umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi

phambi kwenu;

liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.

8Indodakazi yaseZiyoni

isele njengedlangala esivinini,

njengexhokovana ensimini kakhukhamba,

nanjengomuzi ovinjezelweyo.

9Ukuba uSimakade Wamabandla

ubengasishiyelanga insali,

besiyakufana neSodoma,

sibe njengeGomora.

10Lalelani izwi likaSimakade,

nina babusi baseSodoma.

Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu,

nina bantu baseGomora.

11“Iyini kimi imihlatshelo yenu

eniyenza kaninginingi na?”

kusho uSimakade.

“Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama,

namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe;

angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi.

12Uma niza phambi kwami,

ngubani ofune lokhu esandleni senu

ukuba ninyathele emagcekeni ami na?

13Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho;

impepho iyisinengiso kimi.

Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha,

nokubiza imihlangano;

anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.

14Izinsuku zokwethwasa kwenyanga

nemikhosi yenu emisiweyo,

umphefumulo wami uyakuzonda;

sekuphenduke umthwalo kimi,

sengikhathele ukukuthwala.

15Uma niphakamisa izandla zenu,

ngiyowafihla amehlo ami;

ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela;

izandla zenu zigcwele igazi.

16Gezani, nizihlambulule;

susani ububi bezenzo zenu

phambi kwamehlo ami.

Yekani ukwenza okubi.

17Fundani ukwenza okuhle,

nifune ubulungiswa,

nimelane nabacindezeli,

nivikele izintandane,

nimele abafelokazi.

18“Wozani-ke sidingide lolu daba,”

kusho uSimakade.

“Noma izono zenu zibomvu njengegazi,

ziyokuba mhlophe njengeqhwa;

noma zibomvu klebhu,

ziyoba mhlophe

njengoboya bezimvu.

19Uma nivuma, futhi nilalela,

niyokudla okuhle kwezwe.

20Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka,

niyodliwa yinkemba,”

ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.

Umuzi Owonakeleyo

21Yeka umuzi obuthembekile usuphenduke isifebe,

lona obugcwele ubulungiswa!

Ubuqotho babuhlala kuwo;

kodwa manje ngababulali.

22Isiliva lakho seliphenduke amanyela;

iwayini lakho lixutshwe namanzi.

23Izikhulu zakho zingabahlubuki

nabangani bamasela;

bonke bathanda ukufunjathiswa,

balandela izipho nemivuzo.

Abazivikeli izintandane,

nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.

24Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla,

uSomandla ka-Israyeli, uthi:

“Impela ngizothululela

ulaka lwami ezitheni zami,

ngiziphindiselele kuzo.

25Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe,

ngicwengisise wonke amanyela akho,

ngisuse konke ukungcola kwakho.

26Ngizobabuyisela abehluleli bakho njengakuqala,

nabeluleki bakho njengasekuqaleni.

Emveni kwalokho uyobizwa ngomuzi wobuqotho,

umuzi othembekileyo.

27“IZiyoni lizokhululwa ngobulungiswa,

nalabo abakulo baphenduke ngokulunga.

28Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni;

nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.

29“Impela niyokuba namahloni ngemi-okhi ebeniyilubalubela,

niphoxeke ngezivande enaseniziqokile.

30Ngokuba niyofana nomu-okhi

omacembe awo abunile,

nanjengesivande esingenamanzi.

31Umuntu onamandla uyoba njengenswani,

nomsebenzi wakhe ube yinhlansi;

bobabili bashe kanyekanye,

akuyukubabikho ocimayo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help