KwabaseFiliphi 4 - IsiZulu 2020

Iziluleko Zokuqina Nokuzwana Ekukholweni Nokuthokoza ENkosini

1 Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.

2 Ngiyabayala o-Ewodiya noSintike ukuba babe nokuqonda okufanayo eNkosini.

3 Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.

4 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!

5 Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

6 Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.

7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.

8 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.

9 Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

UPawula Ubonga Isipho Abasithumele Kuye ERoma

10 Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba.

11 Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani.

12 Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula.

13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

14 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.

15 Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela.

16 Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami.

17 Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini.

18 Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.

19 UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.

20 Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen.

Isiphetho

21 Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKhristu uJesu. Abazalwane abanami lapha bayakhonza kini.

22 Bayakhonza bonke abazalwane abangcwele, ikakhulu abendlu kaKhesari.

23 Umusa weNkosi uJesu Khristu mawube nomoya wenu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help