IZaga 24 - IsiZulu 2020

Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sokuqala (3)

1 Ungabi namhawu ngabantu ababi,

ungafisi ukuba nabo.

2 Ngokuba inhliziyo yabo iceba ubudlova,

nezindebe zabo zibhunga inkathazo.

3Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha,

iqiniswe ngokuqonda.

4Amakamelo agcwaliswa ngolwazi,

nangayo yonke ingcebo enqabileyo neyigugu.

5 Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla,

nonolwazi wedlula onezikhwepha.

6 Ngokucabanga okwephusile ungaphaka impi,

nokunqoba kusebuningini babeluleki.

7 Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni,

sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.

8 Ocabanga ukwenza okubi

uyakubizwa ngokuthi

owenza amacebo amabi.

9 Ukuceba ubuwula kuyisono,

nobhinqayo uyisinengiso kubantu.

10 Uma uxega amadolo ngosuku lokuhlupheka,

amandla akho mancane.

11 Bahlenge abayiswa ekufeni,

ubambe abantengantenga beyobulawa.

12Uma uthi:

“Bheka, besingakwazi lokhu;”

akakuqondi yini lowo

ohlola izinhliziyo na?

Nolonda umphefumulo wakho akakwazi na?

Futhi akayukuphindisela yini kumuntu

ngokwemisebenzi yakhe na?

13 Ndodana yami,

yidla uju, ngokuba lumnandi;

uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.

14 Yazi ukuthi kunjalo

ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;

uma ukutholile, likhona ikusasa,

nethemba lakho aliyukushabalala.

15Wena sikhohlakali ungayicutheli indlu yolungileyo,

ungayibhubhisi indawo yakhe yokuphumula,

16 ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa,

uyobuye avuke,

kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.

17 Ungathokozi lapho isitha sakho siwa,

nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,

18funa uSimakade akubone lokho,

kube kubi phambi kwakhe,

ayisuse intukuthelo yakhe kuso.

19 Ungazikhathazi ngabenza okubi,

ungabi namhawu ngezikhohlakali.

20 Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa,

nesibani sezikhohlakali siyakucima.

21 Ndodana yami,

mesabe uSimakade nenkosi,

ungazihlanganisi nabamelana nabo,

22 ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma.

Ngubani owazi ukubhujiswa

okungalethwa yibo bobabili na?

Amazwi EzihlakaniphiIsigaba Sesibili

23 Nanka amanye amazwi okuhlakanipha:

akukuhle ukubheka ubuso

bomuntu lapho wehlulelwa.

24Othi esikhohlakalini:

“Ulungile,”

abantu bayakumqalekisa,

nezizwe ziyakumhlamuka.

25Kwabamthethisayo kuyokuba mnandi,

kwehlele phezu kwabo isibusiso esihle.

26Impendulo eyiqiniso injengokuqabula ezindebeni.

27 Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,

uzilungiselele wona ensimini yakho,

emveni kwalokho yakha indlu yakho.

28 Ungabi ngufakazi

omelana nomakhelwane wakho kungenasizathu;

uyakukhohlisa ngezindebe zakho na?

29 Ungabosho ukuthi:

“Njengalokho enzile kimi,

kanjalo ngiyakwenza kanjalo kuye;

ngizakuphindisela kuye njengokwezenzo zakhe.”

30 Ngedlula ngasensimini yomuntu oyivila,

nasesivinini somuntu ongenangqondo;

31 bheka, kwakumile ukhula lwameva,

kwembozwe gimbici yimbabazane,

nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.

32Mina ngakubona lokho, ngacabanga;

ngabona, ngathola isifundo sokuthi:

33 ngokozela kancane,

nokuthatha isihlwathi,

usonge izandla kuze kuyolalwa,

34 ubuphofu behlela

phezu kwakho ube njengomhambuma,

weswele njengebutho

elihlale lithwele isihlangu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help