1 AMakhosi 15 - IsiZulu 2020

Ukubusa Kuka-Abhiyamu KwaJuda

1 Ngonyaka we-18 wokubusa kwenkosi uJerobhowamu, indodana kaNebhathi, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda.

2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.

3 Wenza zonke izono ezazenziwe nguyise ngaphambi kwakhe. Inhliziyo yakhe yayingekho kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide, ukhokho wakhe.

4 Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.

5 Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.

6 Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

7 Ezinye izindaba zika-Abhiyamu nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiyamu noJerobhowamu.

8 U-Abhiyamu walaliswa kokhokho bakhe; bammbela kwabakubo emzini kaDavide; u-Asa, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ukubusa Kuka-Asa KwaJuda

9Ngonyaka wama-20 uJerobhowamu eyinkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi yakwaJuda.

10 Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.

11 U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe.

12 Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe.

13 Wamehlisa uMahakha, unina, ekubeni yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasinquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

14 Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.

15 Wazingenisa endlini kaSimakade izinto ezingcwele zikayise nezakhe ezingcwele: isiliva, igolide, nezitsha.

16 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.

17 UBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wayohlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu oya novela ku-Asa, inkosi yakwaJuda.

18 U-Asa wathatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaSimakade nengcebo yesigodlo senkosi, wakunika izinceku zakhe, wayesezithumela kuBheni Hadadi, indodana kaThabhirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, wathi:

19 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.”

20 UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.

21 Kwathi lapho uBhahasha ezwa lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eThirisa.

22 Inkosi u-Asa yase yenza isimemezelo kuwo wonke uJuda; akekho owayenokuzilandulela;, bawasusa amatshe ayeseRama nezingodo ezazilapho uBhahasha ayakhe ngakho. Inkosi u-Asa yakha ngalokho iGebha kwaBhenjamini neMizpha.

23 Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo.

24 U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide, ukhokho wakhe; uJehoshafathi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ukubusa KukaNadabi NoBhahasha Kwa-Israyeli

25 UNadabi, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda; wabusa kwa-Israyeli iminyaka emibili.

26 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

27 UBhahasha, indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakhare, wamenzela ugobe; wamnqoba eGibhethoni lamaFilisti, ngokuba uNadabi nawo wonke u-Israyeli babelivimbezele iGibhethoni.

28Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

29 Kwathi lapho eseyinkosi, wabulala bonke abendlu kaJerobhowamu; kamshiyelanga noyedwa ophilayo, wayiqothula nya, njengokusho kwezwi likaSimakade alisho ngomlomo wenceku yakhe u-Ahiya waseShilo,

30 ngenxa yezono zikaJerobhowamu ayezenzile, onisa ngazo u-Israyeli, wachukuluza ngazo ulaka lukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

31 Ezinye izindaba zikaNadabi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

32 Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.

33Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa, inkosi yakwaJuda, uBhahasha, indodana ka-Ahiya, waqala ukubusa u-Israyeli wonke eThirisa, wabusa iminyaka engama-24.

34Wenza okubi emehlweni kaSimakade, wahamba endleleni kaJerobhowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help