KumaHebheru 1 - IsiZulu 2020

UKhristu Mkhulu Kunazo Zonke Izingelosi

1 UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.

2 Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.

3 Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.

4 Seyaba nkulu kunezingelosi, njengoba igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

UKhristu UyiNdodana KaNkulunkulu

5 Ngokuba yiyiphi phakathi kwezingelosi ake athi kuyo:

“Wena uyiNdodana yami,

namuhla ngikuzele,” na?

nokuthi:

“Ngiyakuba nguYise kuyona,

Yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6 Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi:

“Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7 Nangezingelosi, uthi:

“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,

izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8 Kepha ngeNdodana, uthi:

“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,

simi kuze kube phakade;

nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho.

9 Uthandile ukulunga,

wazonda ububi;

ngakho-ke uNkulunkulu,

uNkulunkulu wakho,

ukugcobile ngamafutha enjabulo

ngaphezu kwabangani bakho.”

10 Nokuthi:

“Wena Nkosi,

ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;

amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11 Wona ayobhubha,

kodwa Wena umi njalo,

wona wonke ayoguga njengengubo.

12Njengesembatho uyakuwasonga,

ayakuguquka njengengubo,

kodwa Wena unguye njalo

iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13 Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngibeke izitha zakho

zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na?

14 Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help