IZaga 18 - IsiZulu 2020

Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (9)

1Lowo ozazi yena

ofuna intando yakhe;

umelana nakho konke

ukuhlakanipha okungqokolo.

2 Isiwula asithokozi ngokuqonda,

kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.

3 Lapho kufika onenkohlakalo kuza nokwedelela,

kanye nehlazo nokuhlazeka.

4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo,

nomfula ogobhozayo,

nomthombo wokuhlakanipha.

5 Akulungile ukwenzelela isikhohlakali,

nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.

6 Izindebe zesiwula ziletha ingxabano,

nomlomo waso uletha imivimbo.

7 Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,

nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

8 Amazwi enhlebi anjengezibiliboco,

ehlela ezibilini zomuntu.

9Umuntu ovilapha ukusebenza,

ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.

10 Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla;

olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

11 Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla;

injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

12 Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya

ngaphambi kokuba abhujiswe,

kanti ukuthobeka kwandulela udumo.

13 Ukuphendula ungakezwa kungubuwula nehlazo kuye.

14 Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe,

kodwa ngubani

ongathwala umoya odabukileyo na?

15Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi,

nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.

16 Isipho somuntu simvulela iminyango,

simphendlele indlela kwabakhulu.

17Obeka udaba lwakhe kuqala

kuba sengathi nguyena olungileyo,

kuze kufike omunye amphenyisise.

18 Unkatho luyayiqeda ingxabano;

luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.

19Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula

umuzi onamandla,

nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

20 Isisu somuntu siyasuthiswa yisithelo

somlomo wakhe,

saneliswe ngokukhishwa yizindebe zakhe.

21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,

nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

22 Ofumana umfazi uthola okuhle;

uzuzile isihawu kuSimakade.

23 Ompofu ukhuluma ngokuncenga,

kepha isicebi siphendula ngesankahlu.

24 Umuntu wabangani uzilimaza yena,

kodwa umngani weqiniso uyanamathela

ukwedlula izelamani.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help