U-Izaya 61 - IsiZulu 2020

Ukushunyayelwa Kwezindaba Ezinhle

1UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami,

ngokuba uSimakade ungigcobile

ukuba ngishumayele izindaba ezinhle

kwabathotshisiweyo;

ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile,

ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,

nokudedelwa kweziboshwa ejele.

2Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade

nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu,

ngiduduze bonke abalilayo,

3ngenze ukuba abalilayo eZiyoni

baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha;

amafutha enjabulo esikhundleni sokulila;

ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo;

ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga,

nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.

4Bayokwakha kabusha izincithakalo ezindala,

bavuse izindawo ezazidiliziwe,

balungise imizi ebhujisiweyo,

izindawo esezibe yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane.

5Abezizwe bayokuma beluse imihlambi yenu,

abafokazi babe ngabalimi benu,

nabaphathi bezivini zenu.

6Kodwa nina niyakubizwa ngokuthi

ningabaphristi bakaSimakade,

kuyakuthiwa ngani niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu;

niyakudla imfuyo yezizwe,

nizibonge ngodumo lwazo.

7Esikhundleni sehlazo lenu,

niyakuphiwa ngokuphindiweyo;

esikhundleni sokudumala,

ukujabula kuyakuba yisabelo sabo;

bayakudla ifa ngokuphindiweyo ezweni lakubo,

intokozo engunaphakade ibe ngeyabo.

8“Mina Simakade ngithanda ubulungiswa,

ngiyakuzonda ukuphanga nokubi;

ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso,

ngenze nabo isivumelwano esiphakade.

9Abantwana babo bayakwaziwa phakathi kwezizwe,

nezizukulwane zabo phakathi kwabantu;

bonke abababonayo bayovuma

ukuthi bayisizukulwane uSimakade asibusisile.”

10Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade,

umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami,

ngokuba ungembathise izingubo zensindiso,

wangisibekela ngesembatho sokulunga,

okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi,

nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.

11Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo,

nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo,

kanjalo iNkosi uSimakade

iyokuveza ukulunga nodumo

phambi kwezizwe zonke.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help