AMahubo 142 - IsiZulu 2020

Umkhuleko Wocela Ukuhlengwa KwabamzingelayoIMaskili likaDavide esemhumeni. Umkhuleko

1Ngezwi lami ngikhala kuSimakade,

ngezwi lami nginxusa uSimakade.

2Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe,

ngimtshela ngenhlupheko yami.

3Lapho umphefumulo wami udangala,

Wena uyayazi indlela yami,

endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.

4Bheka ngakwesokunene sami,

uyabona, akukho namunye onginakekelayo,

angisenasiphephelo,

akekho osawukhathalela umphefumulo wami.

5Ngikhala kuwe Simakade, ngithi:

“Wena uyisiphephelo sami

nesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6Kulalele ukukhala kwami,

ngokuba ngicindezeleke kakhulu,

ungihlenge kwabangizingelayo,

ngoba banamandla kunami.

7Umphefumulo wami ukhulule ejele,

ukuze ngibonge iGama lakho.

Abalungileyo bayongizungeza,

ngoba uzongiphatha kahle.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help