U-Izaya 17 - IsiZulu 2020

Isiphrofetho NgeDamaseku

1Isiphrofetho ngeDamaseku.

“Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa,

lingabe lisaba ngumuzi,

libe yinxiwa nencithakalo.

2Imizi e-Aroweri iyakushiywa

ibe ngeyemihlambi;

ibuthise khona,

ingethuswa muntu.

3Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi,

nombuso eDamaseku,

nensali e-Aramu,

kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,”

kusho uSimakade Wamabandla.

4“Ngalolo lusuku

udumo lukaJakobe luyodanjiswa,

kuphele ukukhuluphala

emzimbeni wakhe, azace.

5Kuyoba njengomuntu evuna amabele

emazimbeni asamile,

nengalo yakhe ivuna izikhwebu,

nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.

6Umkhwanyo uyosala

njengokusale kuwohlozwa iminqumo:

izithelo ezimbili noma ezintathu

ezihlokweni phezulu,

ezine noma ezinhlanu

emagatsheni omuthi,”

kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

7Ngalolo lusuku abantu bayomfuna uMdali wabo,

amehlo abo agqolozele oNgcwele ka-Israyeli.

8Abasayukuwanaka ama-althare abo,

umsebenzi wezandla zabo,

abasayukuwubheka kulokho

okwenziwe yiminwe yabo,

o-Ashera nama-althare empepho.

9Ngalolo lusuku imizi ebiyelweyo

iyofana namanxiwa asehlathini

naseziqongweni zezintaba,

eyashiwa ngabantu bakwa-Israyeli,

yaba yincithakalo.

10Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho,

awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo,

ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo,

uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

11noma ungazenza zikhule ngosuku

ezitshalwe ngalo,

wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa,

nokho akuyukuba khona sivuno

ngalolo lusuku lokulila

nobuhlungu obungelapheki.

12Maye, ukuhlokoma kwezizwe eziningi,

zihlokoma njengokuduma kolwandle;

nomsindo wokuxokozela kwabezizwe,

unjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.

13Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi,

kodwa uyakuzijezisa,

zibalekele kude,

zixoshwe njengamakhoba

epheshulwa ngumoya ezintabeni,

nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.

14Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa;

kuthi kungakasi zibe zingasekho.

Yileso-ke isabelo sabasiphangayo,

nonkatho lwabasiqhwagayo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help