3 KaJohane 1 - IsiZulu 2020

Isibingelelo

1 Ilunga, kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso.

2Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile.

3 Ngathokoza kakhulu ngesikhathi kufika abazalwane, befakaza ngokwethembeka kwakho eqinisweni, njengalokhu uhamba kulo.

4 Ayikho intokozo eyedlula leyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.

Ukunakekela Abazalwane

5 Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi.

6 Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.

7 Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe.

8Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.

Ukusolwa KukaDiyothrefesi Nokutuswa KukaDemethriyu

9 Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli.

10 Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.

11 Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.

12UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.

Isiphetho

13 Bengisenokuningi ebenginganilobela ngakho, kodwa angithandi ukukubhala ngoyinki nosiba.

14 Kepha ngiyethemba ukuthi ngizakunibona masinyane, sikhulume ubuso nobuso.

15Ukuthula makube nawe. Bayakhonza kuwe abazalwane, nawe khonza kubo bonke abazalwane abalapho, ubagagule ngamagama.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help