UJobe 17 - IsiZulu 2020

Ukuphela Kwenkulumo KaJobe

1 “Umoya wami wephukile,

imihla yami iyaphela,

sengibhekene negodi.

2 Impela kukhona abangiklolodelayo eduze kwami,

neso lami lihleli ekungichukuluzeni kwabo.

3 Ake unginike isibambiso, ungimele,

ngubani oyokwenza isivumelwano nami na?

4 Ngokuba uzivalile izingqondo zabo,

ukuze zingaqondi,

ngakho-ke awuyukubaphakamisa.

5 Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo;

amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.

6 Ungenze isiga ebantwini,

nokhafulelwa ebusweni.

7 Iso lami lifiphele ngenxa yosizi,

wonke amalungu ami anjengethunzi.

8 Abaqotho badumele ngalokhu,

ukuthi ongenacala uvukela ongenabunkulunkulu.

9 Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe,

onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.

10 Kepha nina buyani manje ngothi lwenu,

nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu.

11 Izinsuku zami seziphelile,

amasu ami asechithiwe,

nezifiso zenhliziyo yami.

12Ubusuku babenza imini,

bathi: ‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’

13 Uma ngithemba

ukuthi indawo yabafileyo

iyindlu yami,

ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,

14 ngibize ingcwaba

ngithi: ‘Ungubaba,’

nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’

15 Liphi pho ithemba lami na?

Yebo, ithemba lami,

ngubani oyakulibona na?

16 Ngabe liyokwehlela ezinsikeni zendawo yabafileyo,

sehle kanyekanye,

siyophumula othulini na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help