U-Izaya 29 - IsiZulu 2020

Ukuwa Kwe-Ariyeli Nokunqotshwa Kwezitha Zalo

1Maye, kuwe Ariyeli,

muzi lapho uDavide

ake akanisa khona.

Yengeza unyaka phezu komunye,

imikhosi uqhubeke nokuyigubha njengenjwayelo.

2Nokho ngizolikhathaza i-Ariyeli,

kuzoba nokukhala nokulila,

lizofana ne-Ariyeli.

3NjengoDavide ngizokanisa,

ngimelane nawe,

ngikuhaqe nxazonke,

ngikuvimbezele ngezinqaba,

ngimise izindonga.

4Uzodilizwa,

ukhulume usemhlabathini,

amazwi akho azophuma phansi othulini,

izwi lakho livele emhlabathini njengelomthakathi,

inkulumo yakho iyonyenyeza,

ivela othulini.

5Kodwa isixuku sezitha zakho

siyofana nebhuqu elicolisekileyo,

noquqaba lwabacindezeli

lube njengamakhoba aphephukayo,

kwenzeke ngokuphazima kweso.

6USimakade Wamabandla

uyokuhambela ngokushesha nangokuduma,

nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu,

nangesivunguvungu, nangesiphepho

nangelangabi lomlilo oqothulayo.

7Isixuku sezizwe ezazilwa ne-Ariyeli,

zilwa nalo nenqaba yalo, zilicindezela,

ziyokuba njengesiphepho nanjengombono ebusuku.

8Kuyofana nalapho umuntu olambile

ephupha edla,

kodwa avuke esalokhu elambile,

noma owomileyo ephupha ephuza,

kepha avuke eyethile wukoma.

Siyoba njalo-ke isixuku

sezizwe zonke ezilwa

nentaba iZiyoni.

Ubumpumputhe Bokomoya

9Zimangaliseni, nimangale;

ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe;

dakwani, kodwa kungengawayini;

bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!

10Ngokuba uSimakade uthululele kini

umoya wobuthongo obunzulu,

uvale amehlo abaphrofethi bakini,

wemboza amakhanda ezangoma zakini.

11Umbono ngakho konke lokho kimi wafana namazwi encwadi esicilelweyo, uma inikwa labo abakwazi ukufunda, nomyalo othi: “Fundani lokhu,” bayothi: “Ngeke sikwazi ukukufunda, ngokuba isicilelwe.”

12Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe:

“Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.”

13INkosi yathi:

“Ngenxa yokuthi laba bantu

basondela kimi ngemilomo nje,

futhi bangidumise ngezindebe zabo nje,

izinhliziyo zabo zibe zikude nami,

ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu

abawufundisiweyo nje,

14ngakho ngizobuye ngibenzele

izinto ezimangalisayo laba bantu,

ezethusayo nezimangalisayo.

Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela,

nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”

15Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo,

abazenzo zabo zisebumnyameni,

abathi:

“Ngubani osibonayo?

Ngubani osaziyo na?”

16Izinto niyazihlanekezela.

Umbumbi angathathwa yini njengebumba na?

Izinto ezenziweyo zingasho yini

kumenzi wazo, zithi:

“Akangenzanga.”

Into ebunjiweyo ingasho yini

kokubumbileyo, ithi:

“Akazi lutho,” na?

17ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje

libe yinsimu yezithelo,

kuthi nensimu yezithelo

ibe yihlathi na?

18Ngalolo lusuku izithulu

ziyowezwa amazwi encwadi,

amehlo ezimpumputhe

ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.

19Abathobekileyo bayofumana kabusha

intokozo kuSimakade,

nabantulayo phakathi kwabantu

bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.

20Ngokuba umcindezeli akaseyukuba bikho,

kungabe kusaba khona sedeleli,

bonke abaceba ububi bayoqedwa nya.

21Ababeka umuntu icala ngezwa bethi,

babekele ugibe umthethi

wamacala esigcawini,

bachezukise olungileyo ngento engelutho.

22Ngakho-ke uSimakade owahlenga u-Abhrahama, uthi ngendlu kaJakobe:

“UJakobe akasayukuba namahloni,

nobuso bakhe abusayukuphaphatheka,

23ngokuba nxa ebona izingane zakhe

umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe,

ziyongcwelisa iGama lami,

zingcwelise oNgcwele kaJakobe,

zimesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.

24Abaduka emoyeni, bayofinyelela ekwazini,

nalabo abakhonondayo, bayokwamukela umyalo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help