INumeri 20 - IsiZulu 2020

Ukufa KukaMiriyamu Ehlane

1 Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.

Amanzi EMeribha

2 Kwakungekho manzi okuba inhlangano iphuze; ngakho-ke bahlangana ndawonye bamelana noMose no-Aroni.

3 Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ngesikhathi kufa abafowethu phambi kukaSimakade.

4Niyiletheleni kuleli hlane inhlangano kaSimakade ukuba sizofela kulo, thina nemfuyo yethu na?

5 Nasikhuphulelani eGibhithe, ukuze nisilethe kule ndawo embi na? Akusiyo indawo yembewu, noma yamakhiwane, noma yemivini, noma yamahananadi, futhi akukho ngisho amanzi okuphuza.”

6UMose no-Aroni basuka phambi kwebandla baya ngasemnyango wethende lokuhlangana. Bawa ngobuso bathi mbo emhlabathini, base bebona kuvela inkazimulo kaSimakade.

7USimakade wathi kuMose:

8 “Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”

9UMose wathatha intonga phambi kukaSimakade, njengalokhu ayemyalile.

10UMose no-Aroni baliqoqa ibandla phambi kwedwala; wathi kubo: “Yizwani bahlubuki ndini; sizakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”

11 UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.

12 USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”

13 Lawa ngamanzi eMeribha, ngokuba abantu bakwa-Israyeli balwa noSimakade, Yena wazibonakalisa engcwele phakathi kwabo.

Abakwa-Edomi Bavimbela Abakwa-Israyeli

14 UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,

15ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.

16 Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.

17Siyakuncenga sivumele sidabule ezweni lakho; asiyukuhamba emasimini nasezivinini, futhi asiyukuwaphuza amanzi emithonjeni; siyohamba ngomgwaqo wenkosi, asiyukujikela ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule ezweni lakho.’ ”

18 U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.”

19 Abantu bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakuhamba ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nemfuyo yami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”

20Kepha wathi: “Awuyukudabula.”

U-Edomi waphuma nempi enkulu, eyayihlome iphelele, yamvimba.

21 Wala kanjalo-ke u-Edomi ukuba u-Israyeli adabule ezweni lakhe; u-Israyeli wabe esechezuka.

Ukufa Kuka-Aroni

22 Abantu bakwa-Israyeli basuka eKadeshi baze bayofika entabeni iHori.

23 USimakade wathi kuMose no-Aroni, entabeni iHori esemngceleni wezwe lakwa-Edomi:

24 “U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.

25 Thatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ukhuphukele nabo entabeni iHori.

26 Umkhumule u-Aroni izembatho zakhe, uzigqokise u-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyobuyela kwabakubo, afele khona.”

27UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; bakhuphukela entabeni iHori, inhlangano yonke ibabuka.

28 UMose wamkhumula u-Aroni izembatho zakhe, wazigqokisa u-Eleyazare, indodana yakhe. U-Aroni wafela khona lapho esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

29Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help